Amehlo athe njo ebheke elizodla isicoco soMhlaba
NGESONTO ngo-4 ntambama zingu-15 kuJulayi 2018, eLuzhniki Stadium, eMoscow, iCroatia izobe idlala kowamanqamu weNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa emlandweni wezwe.
Izobe ibhekene ngeziqu zamehlo nompetha bomhlaba bango-1998, iFrance.
Ngeke kube lula ukusho izwe elizogoduka nalesi sicoco kwazise womabili lawa azobanga isicoco kuwafanele.
IFrance iyona ethishwe abaningi kwazise ibophele inqwaba yabadlali abadlalela amaqembu ajwayelekile kubantu baseNingizimu Afrika kodwa ukunqoba kweCroatia kwi-England kuzoyakhela abalandeli abaningi.
Ayishodi ngabadlali abadlalela amaqembu amakhulu emhlabeni iCroatia njengoba inabeReal Madrid, FC Barcelona, Liverpool ne-Inter Milan ukukha nje phezulu.
Abadlali abafana noPaul Pogba weManchester United, Blaise Matuidi weJuventus, Kylian Mbappe wePSG no-Oliver Giroud weChelsea bazobe bemelwe umqansa wokuvimba uLuca Modric, Ivan Rakitic, Dejan Lovren no-Ivan Perisic.
Iphephandaba lakho likuthatha likubeke lapho esedlule khona womabili la maqembu njengoba esekuleli zinga akulona. Ifike kanjani iCroatia kowamanqamu: Kweyamaqoqo: Kowokuqala: Ngo-Juni 16, eKaliningrad Stadium, eKaliningrad (Croatia 2-0 Nigeria).
Kowesibili: NgoJuni 21, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (Croatia 3-0 Argentina).
Kowesithathu: NgoJuni 26, eRostov Arena, eRostov-on-Don (Croatia 2-1 Iceland). Ku-Last 16: NgoJulayi 1, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (Croatia 1-1 Denmark)
*ICroatia iwine ngo 3-2 emaphenathini. Kwi-quarter final: NgoJulayi 7, eFisht Olympic Stadium, eSochi (Croatia 2-2 Russia).
*ICroatia iwine ngo 4-3 emaphenathini. Ku-semi-final: NgoJulayi 11, eLuzhniki Stadium, eMoscow (Croatia 2-1 England). *ICroatia iwine kwu-extra time. Ifike kanjani iFrance kowamanqamu: Kweyamaqoqo: Kowokuqala: NgoJuni 16, eKazan Arena, eKazan (France 2-1 Australia).
Kowesibili: NgoJuni 21, e-Ekaterinburg Arena, e-Ekaterinburg (France 1-0 Peru).
Kowesithathu: NgoJuni 26, eLuzhniki Stadium, eMoscow, eRussia (France 0-0 Denmark). Ku-Last 16: NgoJune 30, eKazan Arena, eKazan (France 4-3 Argentina). Kwi-quarter final: NgoJulayi 6, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (France 2-0 Uruguay). Kwi-semi final: NgoJulayi 10, eKrestovsky Stadium (Saint Petersburg Stadium), eSaint Petersburg (France 1-0 Belgium).