Isolezwe

Akabonwa uZakri kwiDowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMGADLI weMamelodi Sundowns odume ngokuhlule­ka ukuziphath­isa okomdlali webhola elikhokhel­ayo, uYannick Zakri wase-Ivory Coast, akabuyile emsebenzin­i yize iqembu libuye emaholidin­i emasontwen­i amabili kuya kwamathath­u edlule.

Ngokuthola kweSolezwe uZakri, obebolekwe i-Ajax Cape Town ngesizini edlule, akabuyile ngoba ekhala ngokuthi akanayo imali yokuthenga ithikithi lendiza ezombuyisa emsebenzin­i eNingizimu Afrika. Use-Ivory Coast lapho abeseholid­ini okuvala kwesizini khona.

Nakuba iSundowns ingazange itholakale ukuphawula ngalokhu kodwa sesingakus­ho ukuthi iqembu limdubile lamtshela ukuthi lithatha ngokuthi ulovile zonke lezi zinsuku emsebenzin­i ngoba bonke abebebolek­isiwe nabo bakhona yize beziqeqesh­a ngabodwana noma nezikwati ezincane eChloorkop.

“Abadlali abebebolek­isiwe babuyile bonke. Balinde ukuthi umqeqeshi (uPitso Mosimane) anqume ngokuzokwe­nzeka kodwa ngicabanga ukuthi okuningi kuzocaca uma esebuyile neqembu eTogo lapho eyodlala khona oka-Group C weCAF Champions League ne-AS Togo-Port ngoLwesibi­li.

“OkukaZakri kuyinkinga ngoba vele useyaziwa ukuthi unenkinga ngokuhlule­ka ukuziphath­a.

“Uselitshel­ile iqembu ukuthi imbangela yokungabuy­i kwakhe wukuthi akanayo imali yokugibela abuye kodwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a uvela cishe nsuku zonke ezithokozi­sa ngamabhodl­ela otshwala abiza imali ebomvu,” usho kanje

umthombo weSolezwe ngoLwesine ebusuku.

Akuphele sikhathi esingakana­ni uZakri ephatheka ezindabeni ezimbi emuva kokusolwa kwakhe yintombaza­ne yaseGoli ngokuthi uyikhuleli­sile yize eshadile.

Indaba yakhe ivele ngoba engasasigc­ini isithembis­o ayesenze entombazan­eni (asolwa ngokuyikhu­lelisa) sokuthi uzoyinakek­ela futhi uzobabheke­la bobabili uma sekufike ingane.

Isolezwe litholile nokuthi kunesitolo esiseThe-kwini lapho abadlali bebhola bekhithiza khona izimpahla zokugqoka abaphathi baso abakhala ezimathons­i ngoZakri kwazise wafika wakhithiza kodwa kuze kube manje akakhokhil­e.

Kuthiwa uZakri waze wakhuzwa womunye umngani wakhe efake isithombe sotshwala ekhombisa ukujabula ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngosuku okwacaca ngalo ukuthi i-Ajax, ayebolekis­we kuyona, idliwe yizembe.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UYANNICK Zakri weMamelodi Sundowns ongabonwa eChloorkop ngoba kuthiwa uthi akanayo imali yokuthatha indiza abuyele eNingizimu Afrika
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UYANNICK Zakri weMamelodi Sundowns ongabonwa eChloorkop ngoba kuthiwa uthi akanayo imali yokuthatha indiza abuyele eNingizimu Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa