Isolezwe

Kwethulwe iToyota Rush eyiSUV

- IMOTO: TOYOTA RUSH

BANDISE umndeni wabo wamaSport Utility Vehicle kwaToyota ngokwethul­a entsha abayibiza ngeRush.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi amaSUV asephenduk­e intandokaz­i kuzona zonke izinkalo emhlabeni ngenxa yokuthi ukwazi ukuwaseben­zisela izinto eziningi, aphakeme futhi anesikhala esanele.

IRush isesigaben­i samaSUV amancane nokuyenza ibe “yingane” kwiFortunt­er, okuyiSUV enkulu yakwaToyot­a.

Ukuphakama kwayo kungu-220mm kanti ishaya nge-approach angle engu-21 degrees bese kuthi i-departure angle ibe ngu-26.5 degrees. Lokhu kuyenza ingabi nenkinga ukunyathel­a ngamasondo ayo angu-17 inch noma yikuphi. Nesipele naso siwusayizi ofanayo. Indlela ebukeka ngayo Uma sibheka indlela ebukeka ngayo ngaphambil­i ikhanyisa ngamaLED headlamps futhi inetrapezo­idal grille enkulu. Ngezansi i-nama fog lamps bese iba ne-skid plate esasiliva.

Uma uyibuka ngesayidi yilapho ubona ukuphakama kwayo khona kanjalo nobude bayo.

Ngezansi ishaya ngekhava emnyama esuka ngaphambil­i ize iyophuma ngemuva.

Ngemuva inamaLED lamps. Imibala yayo mihlanu abathengi abangakhet­ha kuyo okungoTusk White, Quicksilve­r, Ruby Metallic, Liquid Bronze Metallic noGraphite Black. Ingaphakat­hi layo Ngaphakath­i bayakhe kahle kwi-dashboard ngenxa yokuthi alukho uxhaxha lwamabhath­ini. Kukhona i- touchscree­n audio system okwazi ukuxhuma iBluetooth, USB ne-Android Auto Plus Show noma i-Apple CarPlay.

I-screen siphinde siveze inkombandl­ela kanjalo nengemuva uma uhlehla njengoba inekhamera.

Ngezansi kwe-screen kukhona izinkinobh­o zokulawula amazinga okushisa.

Isiteringi siyi-3-spoke futhi ngesesikhu­mba. Sinjalo nje sinamabhat­hini okulawula umsakazo nokubamba ucingo.

I-instrument cluster iveza imininingw­ane ebalulekil­e edingwa wumshayeli.

IQHUTSHWA EKHASINI 4

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa