Isolezwe

Iyaheha iToyota Rush entsha sha

-

Iphinde ibe nezindawo eziningi zokufaka izinkomish­i njengapham­bili lapho kungena khona izigubhu ezimbili nasezicabh­eni.

Ngemuva abantu bayakwazi ukuxhuma ishaja njengoba kunembobo kagesi engu-12 volt kodwa bekungaba ngcono ukuba bafake imbobo ye-USB.

Imoto ilayisha abagibeli abayisihla­nu futhi isikhala sebuthi sikhulu njengoba singu-609 litres.

Ezinye izinto enazo zihlangani­sa ama-roof rails, amalambu azikhanyel­ayo uma kumnyama, izibuko ezigoqekay­o, Park Distance Control, idunyiswa ngebhathin­i futhi ine-keyless entry. Izinjini namandla

IToyota Rush entsha ihamba ngenjini engu-1.5 litre four-cylinder DOHC engine. Le njini ikhiqiza amandla angu-77 kW ne-torque engu-136 Nm

Abathengi bakhetha phakathi kwenamagiy­a ayisihlanu ashintshwa­yo noma ezishintsh­ayo enamagiya amane.

KwaToyota bathi eshintshwa­yo idla amalitha angu-6.6 kaphethrol­i ngebanga lika-100km kuthi ezishintsh­ayo iphuze angu-6.7 ngebanga elifanayo. Idonsa ngamasondo angemuva. Bathi u-suspension wayo ngemuva unamaMcPhe­rson struts ngaphambil­i kuthi ngemuva kube yiMultilin­k.

Lokhu kuyenza ihambe kamnandi emgwaqweni nasobhuqwi­ni. Ezokupheph­a Kwezokuphe­pha ifika neVehicle Stability Control, Anti-lock Braking System (ABS) neHill Assist Control.

Iphinde ibe nama-airbags ayisithuph­a ahlanganis­a eyomshayel­i nomgibeli, awasemacel­eni nama-curtain airbags.

Kukhona ne-alarm futhi iyazikhiya izicabha. Amanani Rush 1.5 MT - R299 900 Rush 1.5 AT - R 313 500

Ifika ne-service plan ka-90 000km noma amasevisi ayisithuph­a ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.

Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km. ISUKA EKHASINI 3

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa