Isolezwe

Yayenzelwe ukuheha abathengi iStepway

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: RENAULT SANDERO STEPWAY PLUS

NGESIKHATH­I beyethula iRenault Sandero Stepway Plus kwaRenualt babenethem­ba elikhulu lokuthi izoqhubeka nokuheha abathengi beSandero.

Angazi noma kungenxa yayo yini kodwa isibalo sokuthengw­a kweSandero sikhombisa ukunyuka.

Okungenza ngithi angazi noma kwenziwe yiyo yini wukuthi uma kukhishwa izibalo akushiwo ukuthi kuthengwe yiphi inhlobo yeSandero kunalokho kuvele kushiwo izibalo ezihlangan­isiwe.

Phela izinhlobo ezikhona zeSandero zintathu, okuyiSande­ro Expression, Renault Stepway Expression neStepway Plus engene esikhaleni neStepway Dynamique.

Ngo-Ephreli angu-261, ngoMeyi abe ngu-489 kwathi ngenyanga eyedlule aba ngu-937.

Lesi yisibalo esihle ngoba kuyenza imoto yesibili ukuthengwa kakhulu kule nkampani ngemuva kweKwid yona okudayiswe angu-1 023.

Itepway Plus sigqame ngamasondo anamakhava anemibala emibili angu-16 inch kanjalo nemibala eyehlukile enguDune Beige noCosmos Blue.

Ifika nama-airbag asemacelen­i, amawindi kagesi, izibuko zasemacele­ni zihlelwa ngogesi, isiteringi sesikhumba kanjalo ne-rear park assist. Ifika futhi ne-cruise control ne-navigation kanti uma uthanda uyakwazi ukufaka izihlalo zesikhumba.

Igabe futhi nangekhame­ra eveza ingemuva uma uhlehla. Ngaphakath­i ifika neRenault MediaNav nemultimed­ia system engu7 inch touchscree­n.

Le moto ishaya ngenjini eyithreecy­linder 900cc ene-turbo kaphethrol­i. Ikhahlela amandla angu-66 kW netorque engu-135 Nm.

Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-11.1 kanti ijubane elikhulu ngu-169 km/h. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethrol­i angu-5.4.

Ngemuva kokuhamba ngayo engikuqaph­elile wukuthi bayakhe yancipha umsindo wangaphand­le ngaphakath­i futhi inamandla enele ngoba uma udlula enye imoto uyakwazi ukwenza lokho ngaphandle kokuqala phansi amagiya.

Ngihambe ibanga elingu-482.7 yasebenzis­a amalitha kaphethrol­i angu-7.7 kanti ithe ibisengakw­azi ukuhamba omunye u-210km ngaphambi kokuthi uphele. Inani Renault Stepway Plus R206 900

Izihlalo zesikhumba zinguR10 000 kanti i-metallic paint inguR2 500.

Ifika ne warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km.

Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa