Isolezwe

I-VW Arteon ayiwakhohl­isi amehlo

-

FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: VOLKSWAGEN ARTEON

KUNABANTU noma izinto othi uma kade uzibona ezithomben­i bese ziba nomehluko omkhulu uma usuzibona bukhoma.

Kungaki nje ngizwa amajita ethi ahlangane nomuntu ezinkundle­ni zokuxhuman­a “ebaba” kodwa okuthe uma sebehlanga­na bukhoma kwangaba yilo muntu akade embonile.

Lokhu kudalwa yizinto ezahlukene njengokuth­i abanye bafaka iziphaqulo ebusweni noma indlela umuntu azishutha ngayo. Kwesinye isikhathi kuba yi “filter” okanye isiphaqulo esifakwa esithomben­i uqobo ukuze sibukeke kangcono.

IVW Arteon ayiwakhohl­isi nhlobo amehlo akho uma uyibuka ezithomben­i nanoma usuyibuka bukhoma ngoba yinhle.

Nangesikha­thi ibonakala okokuqala embukiswen­i iGeneva Internatio­nal Motor Show ngoMashi wonyaka odlule, wonke umuntu wayebabaza ubuhle bayo.

Lobu buhle engikhulum­a bekufakaze­lwa nawukuthi yonke indawo lapho iqhamuka khona abantu baphenduka nayo.

“Le moto kade ngiyibona nje ezithomben­i ibhalwe ukuthi iyeza maduze kanti ishisa kanje,” kusho omunye umbhemu.

Ebesihamba ngayo yi-2.0 TDI R-line enombala omhlophe abawubiza ngoOryx White. Uma iqhamuka iyagqama kwazise ishaya ngamalambu angamaLED ahlangene namadaytim­e running lights. Kuphinde kube nolayini beradiator grille abayi chrome.

Ichrome le igijima nasemawind­ini eceleni kanjalo nasezicabh­eni ngezansi. Nangemuva izinqawe zigoqwe nge chrome. Ebhuthini ishaya ngespoiler esimnyama futhi ngemuva ishaya ngamalambu ayiLED anedynamic indicator light function, nokusho ukuthi ama-indicator ngathi adweba umugqa.

Emasondwen­i bayigqokis­e iRosario 20 inch Alloy Wheels oyifaka uma uthanda njengoba yona ifika nangu-18 inch.

Okhakhayin­i ine panoramic sunroof.

Uma ungena ngaphakath­i yilapho ubona khona ukuthi le moto inkulu kangakanan­i ngoba abagibeli abayisihla­nu bangena khaxa ngokukhulu­leka ezihlalwen­i zesikhumba.

Lokhu kungenxa yokuthi iwheelbase yayo inde njengoba ingu-2 841mm.

Ibhuthi wudedangen­dlale kwazise ingu-563 litres. Uma ungenele ngalesi sikhala ukwazi ukuxhuma inqola nge towbar obuye uyifihle ngebhathin­i.

Umshayeli ubhekana nesitering­i esinamabha­thini ahlanganis­a neleAdapti­ve Cruise Control, ezinyaweni unyathela ama-aluminium pedals, futhi izihlalo zangaphamb­ili ziyafuduma­la ziphinde zikuwotawo­te.

Ngaphandle kwalokhu kukhona i-Active Info Display eveza yonke imininingw­ane ngemoto.

Ngaphansi kwebhoneth­i kukhona injini kadizili engu-2.0 enamandla angu-130 kW netorque engu-350 Nm. Ugearbox uyi-6-speed DSG. Lolu huntshu bathi kulithatha imizuzwana engu-8.7 ukufika ku-100km/h kanti ijubane elikhulu ngu-220km/h.

Uma usuka amandla iwathumela ngokushesh­a emasondwen­i futhi ziningi izimoto ezincane ezidlisela ogageni ngamandla enawo.

Okufike kuchaze ukuba ntofontofo kwayo nokuyenza kunganqene­ki ukuthatha uhambo olude ngayo futhi emakhoneni iyabambele­la.

Ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha angu-5.9 kadizili kodwa ngemuva kokuchitha izinsuku eziyisikho­mbisa nayo ibidla amalitha angu-8.0.

Okufike kube kuhle wukuthi inethangi elikhulu nongahamba ibanga elide ngaphambi kokuyetha njengoba lingu-66 litres.

Kwezokuphe­pha ifika ne-Active Bonnet eyenza ukuthi uma ishayise umuntu uphakame ukuze avikeleke futhi inePark Package esebenzisa amakhamera ukuveza umzimba wonke.

Ngicabanga ukuthi kwaVW bakhe imoto enhle futhi engagcini nje ngobuhle kodwa evulekile, ukuyiseben­zisela izidingo zansuku zonke nenenjini eyihlala khaxa.

Okuhle wukuthi izinto eziningi ephuma nazo akudingi ukuthi ufake imali ethe xaxa.

Ibanga abathengi nezimoto ezifana neJaguar XE 20d Prestige, Audi A5 Sportback neBMW 420d Gran Coupe. Inani 2.0 TDI 130 kW R-Line DSG R649 900

Ifika neMaintena­nce Plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12 kanti kumele uyise kwisivisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa