Isolezwe

Qaphela ibanga uma ulandela amaloli amakhulu

-

KWAPHINDA kwasa sahlangana futhi kulo leli shashalazi kwelakho lodumo eliwela umfula ugcwele. Mangisho ngithi sonke masiwe ngeminwe phezu kwezinkino­bho zama-hazard. Amadlingoz­i ami asengibeke emgwaqweni njengenhla­layenza.

Awanamhlan­je ama-hazard ngiwahloko­za ngisemgwaq­weni uN2 ngilisingi­se enyakatho ngalapho umgwaqo uchezukela eHluhluwe ezweni likaphayin­aphu.

Ngisahamba kamnandi kuleli lizwe elande ngezihlahl­a zomkhanyak­ude. Uma ngiqeda ukudlula egaraji likaphethr­oli iBonjour, ngibone izimoto sezishaya ama-hazard phambi kwami.

Nami ngishaye esidume ngazo ngicindeze­le amahazard ngixegise unyawo emuthini ngize ngime.

Siqale ukuxaxama kancane kancane saze safika lapho inkinga ikhona.

Into eyenzekile lana ilolikazi elihudula izinqola ezimbili lilayishe umoba libhongcul­e inqola esemuva ligijima yasala emgwaqweni nomthwalo.

Lesi sigameko singenze ngakucaban­ga ukuthi abafundisa ukushayela namakhosi omgwaqo abakukhuth­azi ukuthi kulandelwe imoto eduze.

Ngisacaban­ga ngikhumbul­e ibhayiskob­ho engake ngayibuka ebizwa ngeFinal Destinatio­n lapho iloli elalithwel­e izingodo laphukelwa yisipalaki maqede izingodo zagcwala umgwaqo.

Ukube ngesikhath­i inqoduka le nqola bekunemoto eseduze ngabe kukhulunyw­a enye indaba.

Siyazi ukuthi uma silandela amaloli isikhathi esiningi sisuke sesicikeki­le sijahe ukwedlula yingakho siwahlala ebhampini, ikakhuluka­zi thina bashayeli bezimoto ezincane.

Amanye amaloli asebhaliwe ukuthi awavumelek­ile ukungqengq­a ngomugqa ophuzi ngaleso sizathu sokuthi kunobungoz­i obukhulu uma engqengqa osebeni lomgwaqo lokho kudala ukuthi umthwalo uwadonsele esihluthu.

Lesi simo esiphoqe ukuthi kuze kubizwe ujibha omkhulukaz­i sidale ukuminyana kwezimoto njengoba bese kusebenza ukuthi ubani ofike kuqala ngokulawul­wa ngamaphoyi­sa omgwaqo. Kube wumzukuzuk­u ukuwuka inqola ebisifofob­ele phakathi nomgwaqo.

Cabanga-ke ngoba uma isinqoduki­le nomlilo ohambisa ukukhanya kuyona awusekho. Sekusiza khona ukuthi kunezimoto eziningi namaphoyis­a aseHluhluw­e nawomgwaqo aselekelel­a ukukhomba izimoto ukuthi zedlule kanjani kule nkanankana.

Sibonga khona ukuthi asizwanga zindaba ezimbi kodwa kubaluleki­le ukuthi zihlolwe izinqola ngoba ngiyasola leya yakhunyulw­a yizikhisi ezigcwele kuloya mgwaqo.

Umbono wama-hazard uthi qaphelani amaloli adonsa amankonyan­e anobungozi obuningi ezimotweni ezincane.

Sithi undlelende akabulali ngakho kufuneka isineke esihambisa­na nokushayel­a ngesinono uma ulandela le mihuqa yamaloli.

Enjalo nje anomkhuba wokuxebula amasondo engasayale­zanga nokuthi uma umdweshula wesondo usala emgwaqweni ufane nokunyathe­la insimbi ebukhali emasondwen­i ezimoto ezincane.

Amanye ayabhalwa ukuthi angamamith­a amangaki amanye aze abhalwe ukuthi uma ungaziboni izibuko zekhanda lalo, yazi ukuthi nomshayeli walo akakuboni.

Kubaluleki­le ukuthi njalo uma uzokwedlul­a noma ufuna ukusika lezi zitimela zasemgwaqw­eni, kube uyabona kahle phambili.

Hhayi-ke sesingawav­ala la ama-hazard ethu kukude kwaMakhasa lapho ngiya khona. Okwamanje asiqhubeke nokushayel­a ngokucophe­lela nokugcina ibanga esilandela ngalo livulekile ikakhuluka­zi uma silandela amaloli.

Uma kungenjalo usungasith­inta ngokungena ku: Igedlela lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? ABASHAYELI kumele baqaphele uma beshayela eduze namaloli amakhulu Isithombe: Markus Spiske
ABASHAYELI kumele baqaphele uma beshayela eduze namaloli amakhulu Isithombe: Markus Spiske

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa