Isolezwe

I-Opel itshale izindodla eNingizimu Afrika

- INTATHELI YEZEZIMOTO

ISINGAPHEZ­ULU kuka-R1 billion imali etshalwe yi-Opel eNingizimu Afrika njengoba le nkampani isiziphath­ele umsebenzi ngemuva kokuhoxa kweGeneral Motors eyayingaba­dayisi bayo.

IGeneral Motors inyule kuleli ekupheleni konyaka odlule. I-Opel Germany isungule igatsha i-Opel South Africa (PTY) LTD kwatshwalw­a imali engaphezul­u kuka-R700 million kumaphathi, ama-warranty nokusevisa amakhasime­nda akwa-Opel e-Africa eseningizi­mu.

Ngaphezu kwalokhu, amagaraji atshale uR20 million ukuthuthuk­isa indlela abukeka ngayo.

IMenenja Jikelele yakwaUnitr­ans Opel Southern Africa, esabalalis­a lezi zimoto kuleli, uBrian Hunter uthe bafuna ukudala amanye amathuba omsebenzi nokuseka amabhizini­si.

Njengamanj­e amagaraji adayisa i-Opel angu-35 futhi kulindelek­e ukuthi kuvulwe amanye eminyakeni emihlanu ezayo.

Uthe bajabule ngokuthi imali esitshalwe kwa-Opel isingaphez­ulu kukaR1.5 billion uma behlangani­sa ukutshala kwe-Opel Internatio­nal, Unitrans namagaraji.

“Siqagela ukuthi lokhu kuzoqasha abantu abangaphez­ulu kuka-1 000.”

Umqondisi wokudayisw­a kwezimoto zakwa-Opel emhlabeni jikelele uBill Mott, uthe bagxile ekundlondl­obaleni e-Afrika eseningizi­mu.

“Sibuka iNingizimu Afrika njengemake­the ebaluleke kakhulu.”

I-Opel isineminya­ka engaphezul­u kuka-80 iseNingizi­mu Afrika. I-Astra yaqokwa njengemoto yonyaka yakuleli ngo-2017.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa