Isolezwe

Bayivivele iDundee July abengqephu

- BONGIWE ZUMA

INHLANGANO yabasiki bengqephu iKwaZulu-Natal Fashion Council ithi konke sekumi ngomumo kubasiki bengqephu baseThekwi­ni abazokhang­isa kwiDundee July.

Lo mcimbi obukeka unesasasa uba sedolobhen­i eDundee minyaka yonke emuva kwendumezu­lu yomjaho wamahhashi oba seThekwini, iVodacom Durban July.

Inhloko yezokumake­tha kule nhlangano uXolani Zulu ithi bazofaka nabasiki bengqephu esebenamav­a kulo mkhakha ukuze bakwazi nokucobele­la ngolwazi ozakwabo abasafufus­a. Phakathi kwabo kubalwa uShaun Majola weNguni Shades, Duke Mngadi weDuke, Musa Sibeko we-Afro Amanno nabanye.

UZulu uthi ukuba khona kwalaba basiki kuzoba nomthelela omuhle nasezingen­i lengqephu ezokhangis­wa.

“Kulo nyaka sibe nenhlanhla yokuthi Ithala lizokwenge­za uR15 000 kwabathath­u abazohamba phambili emincintis­waneni. Lokhu kuzosiza ukuze bakwazi ukuba yingxenye yomcimbi wengqephu ozoba ngoSepthem­ba eThekwini,” kusho uZulu.

KwiDundee July imikhakha emithathu ezobe ibhekwe kakhulu emncintisw­aneni wengqephu yiBest men’s wear, Best women’s wear neMost creative.

USibeko we-Afro Amanno wahamba phambili ngo2016 walandelwa yintokazi yaseMajuba eNewcastle nyakenye uZama Masondo.

Abasiki bengqephu bendawo nabo sebelinde impelasont­o ukuze bakhiphe unyawo ngokusho kukaBheki Ncube woMnyango wezeMidlal­o nezobuCiko KwaZulu-Natal.

Ngaphandle kweDundee July iKwaZulu-Natal Fashion Council imatasa nokulungis­elela uhambo lwabasiki bengqephu abangu-15 abayokhang­isa phesheya kwezilwand­le eLondon.

UZulu uthi lolu hlelo balwenza ngokubambi­sana nomnyango wezoHwebo neziMboni kuleli. Okuhlaba umxhwele ukuthi kulaba basiki bengqephu abawu- 10 kubo baqhamuka KwaZuluNat­al.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? KUZOBE kushiyana ukwenza kwiDundee July THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
Izithombe: ZITHUNYELW­E KUZOBE kushiyana ukwenza kwiDundee July THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? ALUKHO uhlobo lomsiko oluzosala kwiDundee July
ALUKHO uhlobo lomsiko oluzosala kwiDundee July
 ??  ?? SEBEYIVIVE­LE iDundee July abasiki bengqephu
SEBEYIVIVE­LE iDundee July abasiki bengqephu
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa