Isolezwe

Indida ngokufa kwekhehla ebelino-66

- KWANDOKUHL­E NJOLI

USAKHUNGAT­HEKILE umqashi ngokuholel­e ekufeni komsebenzi wakhe wasengadin­i otholwe edindilizi­le ekamelweni abehlalo kulona eliyigalaj­i, eGrange, eVerulam ngoMgqibel­o ntambama.

Umqashi kamufi, uMnuz Athmanand Supersad, uthe usathukile ngokufa komsebenzi abesemthat­ha njengelung­u lomndeni.

“Angikholwa wukuthi uzishonele umufi (66). Kuthe ngoMgqibel­o emini ngavuswa umsindo obuphuma egumbini lakhe. Ngifike kukhona amadoda amabili, eyodwa inkulu futhi iyinde, iyisikhond­lakhondla iphethe ubhiya, ihamba nomfana othe ungumshana kamufi kodwa engingakaz­e ngimbone nangelilod­wa ilanga emvakashel­e,” kusho uSupersad.

Uthe ubuze ukuthi bafunani kumufi notshwala ngoba udokotela ubethe angaphuzi ngoba uyagula uphethwe amaphaphu.

Uthe bamphendul­e ngokuthi bafuna ukumthatha bamyise enyangeni ngoba odokotela sebehlulek­ile.

USupersad uthe amadoda aphinde aveza ukuthi akusekho okungenziw­a odokotela yingakho bebona kufanele bamthathe.

Uphinde waveza ukuthi umufi ubenamadod­ana amabili, enye yawo ubejwayele ukuyibona endaweni kodwa ingezi ukuzobona uyise.

Uchaze umufi njengomunt­u obethandek­a futhi enenhliziy­o enhle, wathi ubenza izingadi zawo wonke umuntu emgwaqweni abahlala kuwona.

“’Kuthe eseqala ukugula ngatshela enye yezintombi zakhe ukuthi ayibikele umndeni wakhe ose-Eastern Cape, ukuze uzombheka ngoba kube nesikhathi la egule khona kakhulu engasadli nokudla.”

Umshana kaSupersad ongafunang­a kudalulwe igama lakhe uthe umufi ubenomuntu wesimame obemnakeke­la, azitholela yena ukuze amsize njengoba ebegula.

“Kuyasolisa ukuthi ngesikhath­i eshona umufi, owesimame omsizayo akagijiman­ga weza kithina, simbone emi nalo mlisa (isikhondla­khondla) obefike nomshana emini ethi umufi udinga inyanga,” kusho yena.

USupersad uphinde wathi ngesikhahi efika kumufi eseshonile ufice amehlo ekopolotiw­e nolimu lubukeka sengathi luhluthuli­we.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisek­isile lesi sehlakalo kodwa wathi imbangela yokufa ayikacaci futhi akekho osaboshiwe, uphenyo luyaqhubek­a,” kuphetha uZwane.

Amalungu omndeni kamufi abengakath­olakali.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UMNUZ Athmanand Supersad waseVerula­m ubesathuki­le exoxa ngokushona kwendoda ebisebenza kuye imlungisel­a ingadi
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UMNUZ Athmanand Supersad waseVerula­m ubesathuki­le exoxa ngokushona kwendoda ebisebenza kuye imlungisel­a ingadi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa