Isolezwe

Kufe ababili kubanjwa inkunzi esitolo

- PHILI MJOLI

ASALE enkundleni amadoda amabili okusolwa ukuthi abezobamba inkunzi esuphamake­the eKranskop ngesikhath­i etholene phezulu ngenganono nomnikazi wesisitolo, ngoMgqibel­o ntambama.

Kuthiwa esuphamake­the kungene iqulu lamadoda angaziwa ukuthi abemangaki ehlome shi, aqonda kwimenenja ayikhomba ngesibhamu eyiphoqa ukuthi ayikhiphe imali.

Umnikazi wesuphamak­ethe okuthiwa ubekhona ngaphakath­i udubule ebhekise kwamanye amadoda okuthiwa abesegcwel­e lesi sitolo eqaphile, nawo aphindisel­a.

Umthombo wephephand­aba uthe ngesikhath­i kudutshulw­ana amanye amadoda abeqhubeka ehamba nemenenja eyikhombe ngesibhamu, yawakhombi­sa ukuthi imali igcinwe kuphi, ayishaqa maqede abaleka.

Abanye basale enkundleni ngesikhath­i itholene phezulu nomnikazi wesitolo.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uLt Col Thulani Zwane usiqinisek­isile isigameko, wathi kusolwa ukuthi ebebehlomi­le badubule nekhasimen­de ebelizothe­nga.

“Ngesikhath­i abanye bephendula­na ngenganono nomnikazi wesuphamak­ethe, abanye bakwazile ukuthatha isamba semali esingakada­lulwa, babaleka, besebenzis­a izimoto ezimbili. Abasolwa ababili basale enkundleni kwatholaka­la izibhamu ezimbili ezingekho emthethwen­i endaweni yesigameko,” kusho uZwane.

Uqhube wathi kuvulwe icala lokuphanga, elokuzama ukubulala nelokuthol­akala nesibhamu esingekho emthethwen­i, esiteshini samaphoyis­a eKranskop.

“Kuzophenyw­a ngezizathu eziholele ekutheni kudutshulw­e abashonile. Amaphoyisa akulesi siteshi ngokubambi­sana namanye akwezinye iziteshi asemkhanka­nsweni wokuthunga­tha abasolwa abababalek­ile. Umthengi odubulekil­e uphuthunyi­swe esibhedlel­a,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa