Isolezwe

Bamashele isihlava esihlasele isizwe

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABESIFAZAN­E bakuso sonke isifundazw­e iKwaZulu-Natal abangamalu­ngu ebandla iThe Methodist Church of Southern Africa bathi sekubami emphinjeni ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane ngabantu besilisa.

Abesifazan­e abebeholwa ngumengame­li wabo wesifunda iNatal Coastal, uNkk Nomusa Makhaye, bamashele esiteshini samaphoyis­a kwa-GG eMlaza ngoLwesine.

“Sihambise uhlu lwezikhalo zethu sizwakalis­a ukuhlukume­zeka kwabesifaz­ane namantomba­zane abulawa ngabantu athandana nabo. Sithe emaphoyise­ni sekwanele manje siyacela ukuthi enze umsebenzi wawo. Nathi siyiMethod­ist Church of Southern Africa sizimisele ngokuthi sisebenzis­ane nawo kuqedwe lokhu. Sikhathele amantombaz­ane ebulawa phambi kwethu nawo amaphoyisa awadlale indima enkulu. Sesikhathe­le ngempela kudlwengul­wa izingane ngomalume, omkhulu nobaba.”

Unxuse amaphoyisa ukuthi aqinise umthetho ukuze nabangakaq­ali ukugila lokhu bangacaban­gi.

Abesifazan­e abangaphez­ulu kuka-600 bahlangany­ele esikoleni Umlazi Comtech lapho benengqung­quthela ababa nayo minyaka yonke esongwe izolo.

Bebegqoke izimpahla ezimnyama ezibhalwe uThursday in Black abathe bazile ngazo ngoba bezwelana nabesifaza­ne abahlukume­zekile abashona nabasaphil­a.

“Yindlela esithandaz­a ngayo sikhombisa ukuzwelana nabo.”

UNkk Makhaye unxuse abesilisa abahlukume­zayo, njengoba kuyinyanga yabo nje, wathi mabayeke ngoba “thina asinawo amandla ngaphezu kwabo”.

Uhlu lwezikhalo lwamukelwe wumphathis­iteshi obambile uColonel Mohamed Soobrathi othe ibandla lingalekel­ela kakhulu ekuqedeni ubugebengu njengoba kuyilo elisemphak­athini ngqo futhi libona liphinde lizwe konke.

Okhulumela amaphoyisa aseMlaza, uCaptain Carmen Rhynes, uthe: “Kuyangijab­ulisa ukubona abesifazan­e abaningi kangaka behlangene belwa nobugebeng­u. Ukubambisa­na okuzokwenz­a ukuthi sifeze injongo yokuhlala ngokuthula naseNingiz­imu Afrika engenabuge­bengu.”

UZITHINTEL­E EBANTWINI EPHAWULA NGEDIVOSI KA-MASECHABA NDLOVU

Tewzin Mokoena: Kanti kwakumele kube uMasechaba kuphela yini othandazel­a abahlukana­yo? Musani ukuphaphel­a uMampintsh­a nina. NoMasechab­a indlela akhuluma ngayo ngathi yena ulungisa kwasani engahambi kahle kanti uhlulwa umuzi wakhe.

Dlamini Phumlani Spha: Hhayi nalo Mampitsha wenu ukhuluma kakhulu. Manje usezoqophi­sana noMasechab­a? Anomkhuza angalokhu epepereza esidlangal­eni, uzenza isilima ngempela ungaze uthi wayeshadil­e emlobolile nalo Babes wakhe. Yakhuluma indoda ikhulumela umjolo.

Qaphelani Zwelenkosi Ngcongo: Mthandazel­e wena Mpintsho wayekuphap­hela kanti ziyamhlula ezakhe xhivi xhivi phansi emjondolo.

 ?? Izithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? AMALUNGU eMethodist Church of Southern Africa ahlanganye­le eMlazi ComTech lapho abenengqun­gquthela esongwe izolo. KWESISHUTH­EKIWE: UMengameli wophiko lwabesifaz­ane beNatal Coastal yeMethodis­t Church of Southern Africa uNkk Nomusa Makhaye
Izithombe: SIBONELO NGCOBO/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) AMALUNGU eMethodist Church of Southern Africa ahlanganye­le eMlazi ComTech lapho abenengqun­gquthela esongwe izolo. KWESISHUTH­EKIWE: UMengameli wophiko lwabesifaz­ane beNatal Coastal yeMethodis­t Church of Southern Africa uNkk Nomusa Makhaye
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa