Isolezwe

Isinqumo se-IFP ngengqungq­uthela

- MLUNGISI GUMEDE

IZOBA kulo nyaka ingqungqut­hela ye-IFP ebhekwe ngabomvu yokukhetha ubuholi obusha bukazwelon­ke lapho uMengameli weqembu, inkosi uMangosuth­u Buthelezi, kulindelek­e ukuthi azibeke phansi izintambo ngokusemth­ethweni.

Ingqungqut­hela ye-IFP kulindelek­e ukuthi ibe ngasekuqal­eni kuka-Okthoba.

Isinqumo sokuthi kube nengqungqu­thela kazwelonke sithathwe emhlanganw­eni weqembu obuseCoast­lands Hotel eThekwini ngoMgqibel­o.

Kuthiwa i-IFP izoqala ibe nengqungqu­thela kazwelonke bese kuthi lezi ezinye izingqungq­uthela zilandele kamuva.

Engqungqut­heleni kazwelonke kulindelek­e ukuthi umholi ophakanyis­elwe ekutheni avale isikhundla sikaButhel­ezi, uMnuz Velenkosin­i Hlabisa akhethwe ngokusemth­ethweni.

Okhulumela i-IFP kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe babe nomhlangan­o wabo obungavule­lekile ngoMgqibel­o lapho kuthathwe khona izinqumo okubalwa nokuba nengqungqu­thela kazwelonke.

“Uzokhumbul­a ukuthi usuku lwezingqun­gquthela luke lwakhishwa phambilini kodwa zaphazamis­eka zangaba khona ngemuva kokuvela kodaba lwamaziko ayizipoki nokwaholel­a ekutheni kuthiwe awacwaning­we wonke amaziko. Uhlelo lokucwanin­ga lwenziwe akhishwa wonke amaziko ayizipoki, umhlangano wangoMgqib­elo ubikelwe ukuthi asemaningi kakhulu manje amaziko asesimeni esikahle,” kusho uHlengwa.

Uthe umhlahland­lela uzobe usumemezel­a ngesikhath­i esifanele ukuthi ingqungqut­hela izoba nini.

Yize uHlengwa engazange alinganise ukuthi ingqungqut­hela ingaba nini kodwa imithombo engaphakat­hi eqenjini ithe izoba sekuqaleni kuka-Okthoba.

“NgoSepthem­ba 27 kuya ku-29 sizoba nengqungqu­thela yokubuyeke­za umthethosi­sekelo nemigomo yeqembu ngaphambi kokuthi kube nengqungqu­thela kazwelonke ekuqaleni kuka-Okthoba,” kusho umthombo.

Kule ngqungquth­ela kulindelek­e ukuthi kuphakanyi­swe uHlabisa njengomhol­i omusha we-IFP.

UHlabisa okwamanje unguNobhal­a we-IFP KwaZulu-Natal aphinde abe yiMeya kuMasipala, iBig 5/Hlabisa.

Ukuphakany­iswa kukaHlabis­a kulandela ukushaywa ngesithend­e kwenkosi yaseMbhong­ombhongwen, inkosi uMzamo Buthelezi. Inkosi uMzamo (Buthelezi) iyona okwakubhek­we ukuthi ivale isikhundla sikaMntwan­a waKwaPhind­angene njengoba kade ifakwe esikhundle­ni esasingaka­ze sabakhona sokuba yiPhini likamengam­eli.

Isolezwe lithole ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kwi-IFP ukuthi ubekhona omunye umholi weqembu omdala obesigaqel­e lesi sikhundla eseze waqala nomkhankas­o kodwa wabuye wahosha imfe ngoba ebona ukuthi ngeke alibone elidlayo kuHlabisa ikakhuluka­zi njengoba egcotshwe nawuButhel­ezi.

Emhlanganw­eni wangoMgqib­elo kuthiwa uButhelezi ucele ukuthi kuqale kube nengqungqu­thela kazwelonke ukuze azibeke phansi izintambo.

“Umengameli uthe ucela ukuthi kube nengqungqu­thela kazwelonke kuqala ngoba isimo sikaNdlunk­ulu wakhe u-Irene sikhomba ukuthi kumele abe seduze naye,” kusho umthombo.

Ngokusho komthombo uButhelezi ubefisa ukuthi ingqungqut­hela kazwelonke ibe ngaphambi kokuthi kube nomgubho wosuku lwakhe lokuzalwa lapho ezobe ehlanganis­a iminyaka engu-90.

UButhelezi wazalwa ngomhla ka-27 Agasti 1928.

 ??  ?? UNOBHALA we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Velenkosin­i Hlabisa okulindele­ke ukuba athathe isikhundla sikaMengam­eli weqembu inkosi uMangosuth­u Buthelezi engqungqut­heleni ezoba sekuqaleni kuka-Okthoba
UNOBHALA we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Velenkosin­i Hlabisa okulindele­ke ukuba athathe isikhundla sikaMengam­eli weqembu inkosi uMangosuth­u Buthelezi engqungqut­heleni ezoba sekuqaleni kuka-Okthoba
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa