Bagadiwe abagibeli ababanjwa inkunzi
KUQINISWE ezokuphepha ewodini lesibhedlela saseGoli okulele kuso abagibeli abasinde ngenhlanhla ngesikhathi bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngoMgqibelo odlule.
Abagibeli kuthiwa bagadwe ngonogada basesibhedlela ngoba kunovalo lokuthi abahlaseli babo bangabuya babaqedele.
Babili abagibeli abafile kwathi abanye balimala kanzima ngesikhathi amadoda amahlanu abebegibele nawo evele ebajikela itekisi isiseRosettenville, eGoli, abadubula aphinde abathathela imali nezinye izimpahla zabo.
Kubikwa ukuthi omunye wabagibeli abasesibhedlela, uMnuz Ibanda Kakunda, waseThekwini, uyelulama esibhedlela ngemuva kokudubuleka emlonyeni.
Okhulumela ososeshini bamabanga amade, uMnuz Bongani Mthembu, uthe nabo abakwazi ukuhambela labo abalimele ezibhedlela ngenxa yokuthi bagadwe kakhulu.
“Amaphoyisa awathembi lutho ngoba kunokwesabela ukuthi labo ababalimazile bangabuya babaqedele esibhedlela. Yimindeni yabo kuphela enemvume yokubabona,” kusho uMthembu.
Uthe benza konke okusemandleni abo ukuthi abenzi bobubi babanjwe.
“Siyasebenzisana namaphoyisa ukuze sibambe abasolwa, okusikhathaza kakhulu ukuthi lesi sehlakalo sesidale uvalo embonini njengoba kungesona isehlakalo sokuqala,” kusho uMthembu.
UMnuz Philbert Kakunda ongumfowabo ka-Ibanda olulamayo esibhedlela uthe umfowabo uselinde ukuthi ahlinzwe akhishwe inhlamvu bese kuyabonakala ukuthi uba njani.
“Odokotela basitshele ukuthi isimo sakhe siyathembisa, osekusele wukuthi bamhlinze bamkhiphe inhlamvu,” kusho uKakunda.
Uthe izingane zakhe ayehamba nazo ngesikhathi bebanjwa inkunzi zisahlukumezekile ngemuva kwesigameko.
“Kumele izingane zami zelulekwe ngokwengqondo ngoba ngiyabona ukuthi zisenenkinga ngemuva kwento eyenzekile, lena enye eneminyaka engu-16 ngiyibambe isiphuma endlini phakathi kwamabili ithi iyothenga esitolo ihamba yodwa, ngayibuza ukuthi iyabona yini ukuthi yisikhathi sini yathi ibicabanga ukuthi sekusile,” kusho uKakunda.
Imizamo yokuthola umshayeli wetekisi naye osindile kulesi sehlakalo ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lwakhe luvaliwe.
Umshayeli wetekisi ngokusho kwamaphoyisa nguyena okumele avule icala egameni labo bonke abagibeli.