Uyakhala ‘owebelwe’ ingane
UKHALA uyazithulisa owesifazane waseJozini oboleke “umnakwabo” ingane kodwa akasayibuyisi.
Lo wesifazane osehlala eStanger uthe sekuphele izinyanga ezimbili unkosikazi wowayeyisoka lakhe engayibuyisi ingane eneminyaka emithathu ayecele ukuthi imvakashele ngo-Ephreli wathembisa ukuthi uzoyibuyisa ngemuva kwePhasika.
Uthe lo wesifazane ongumhlengikazi emtholampilo eMatendeni, eNanda, elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela ingane, kuthiwa nguye owafonela unina wengane owayesehlukene noyise wayo ongumyeni wakhe wacela ukuthi ingane imvakashele.
“Wangifonela ingane inezinyanga ezinhlanu wathi umyeni wakhe umtshelile ukuthi uthole ingane nokuthi wayengangitshelanga ukuthi ushadile, kuthe uma ngithola sehlukana, wathi ucela ngimlethele ingane. Ngaqale ngenqaba ngoba wayengafuni ukuhlangana nobabekazi wami ayithathe kuye. Wabuye wafona ingane isinezinyanga eziwu-18, ebuza ukuthi umyeni wakhe ngabe uyayondla yini, wacela ukuthi ngimboleke ingane imvakashele, ngavuma. Wayibuyisa ngesikhathi esasivumelene ngaso,” kusho yena.
Uqhube wathi ngemuva kwalokhu bebelokhu benikana ingane ibuye. Kulokhu uthi kuthe uma sekushaye isikhathi sokuthi ingane ibuye “unina omdala” wathi izobuya ngoMeyi, izofika nabantu abazobe bethunywe ukuthi bazohlawula.
“Ngakwamukela lokho, ngafonela umalume eJozini ngamazisa, naye wangaba nankinga, kodwa ngoMeyi , waphinde wafona wathi sekuzoba uJuni, wase ecela inkomo yokuhlawula, umalume ayibheke ngoba bazobe besuka eThekwini. Wakwenza lokho umalume kodwa bathi iyabiza bathi bazofika nayo bona. Ngosuku olwandulela abebethe bazofika ngalo bafaka imali yembuzi nenkomo yokuhlawula, bathi abasezi.
Kwala umalume esebatshela ukuthi kule ndawo esihlala kuyo inhlawulo kumele ilethwe ngabanikazi bayo, akwamukelekile ukuthi kuvele kufakwe imali nje. Bathi akazibonele ukuthi wenzenjani. Ngabuza ingane ukuthi isizofika nini wathi uzoyiletha uma esethanda, kulapho ngasukuma khona ngaya emaphoyiseni, eStanger,” kusho yena.
Amaphoyisa uthe athi alikho icala elingavulwa ngoba babevumelene, amfonela “umama omdala” washo usuku athi uzoyibuyisa ngalo ingane, lwadlula engayilethanga.
“Ngadlulela kosonhlalakahle, bamfonela waxabana nabo, afonela umyeni wakhe waziphika ocingweni lwakhe, ngabona ukuthi kusho ukuthi ingane yami ngeke besayibuyisa. Banginika incwadi eqondiswe emaphoyiseni aseNanda bewacela ukuthi angiphelezele ngiyolanda ingane. Ngeshwa angikwazi emzini wabo, besihlangana enkabeni yedolobha eThekwini uma ngomnika ingane. Ngazi lapho esebenza khona nasemzini wabo oseGingindlovu. Saya emsebenzini, umphathi wakhe wathi siphazamisa umsebenzi. Amaphoyisa amcela ukuthi adlule esiteshini samaphoyisa, sizoxoxa, akezanga, ngakusasa sabuyela khona kwathiwa uthathe ilivu,” kusho yena.
Ethintwa ngalolu daba uyise wengane, uthe uyamazi owesifazane okukhulunywa ngaye kodwa uma sekumele aphendule ngodaba lwengane waluvala ucingo, wangabe esalubamba uma efonelwa, owakwakhe uthe usemngcwabeni akabuye afonelwe, ngemuva kwalokho akabange esalubamba ucingo.