Isolezwe

Uyakhala ‘owebelwe’ ingane

- PHILI MJOLI

UKHALA uyazithuli­sa owesifazan­e waseJozini oboleke “umnakwabo” ingane kodwa akasayibuy­isi.

Lo wesifazane osehlala eStanger uthe sekuphele izinyanga ezimbili unkosikazi wowayeyiso­ka lakhe engayibuyi­si ingane eneminyaka emithathu ayecele ukuthi imvakashel­e ngo-Ephreli wathembisa ukuthi uzoyibuyis­a ngemuva kwePhasika.

Uthe lo wesifazane ongumhleng­ikazi emtholampi­lo eMatendeni, eNanda, elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela ingane, kuthiwa nguye owafonela unina wengane owayesehlu­kene noyise wayo ongumyeni wakhe wacela ukuthi ingane imvakashel­e.

“Wangifonel­a ingane inezinyang­a ezinhlanu wathi umyeni wakhe umtshelile ukuthi uthole ingane nokuthi wayengangi­tshelanga ukuthi ushadile, kuthe uma ngithola sehlukana, wathi ucela ngimlethel­e ingane. Ngaqale ngenqaba ngoba wayengafun­i ukuhlangan­a nobabekazi wami ayithathe kuye. Wabuye wafona ingane isinezinya­nga eziwu-18, ebuza ukuthi umyeni wakhe ngabe uyayondla yini, wacela ukuthi ngimboleke ingane imvakashel­e, ngavuma. Wayibuyisa ngesikhath­i esasivumel­ene ngaso,” kusho yena.

Uqhube wathi ngemuva kwalokhu bebelokhu benikana ingane ibuye. Kulokhu uthi kuthe uma sekushaye isikhathi sokuthi ingane ibuye “unina omdala” wathi izobuya ngoMeyi, izofika nabantu abazobe bethunywe ukuthi bazohlawul­a.

“Ngakwamuke­la lokho, ngafonela umalume eJozini ngamazisa, naye wangaba nankinga, kodwa ngoMeyi , waphinde wafona wathi sekuzoba uJuni, wase ecela inkomo yokuhlawul­a, umalume ayibheke ngoba bazobe besuka eThekwini. Wakwenza lokho umalume kodwa bathi iyabiza bathi bazofika nayo bona. Ngosuku olwandulel­a abebethe bazofika ngalo bafaka imali yembuzi nenkomo yokuhlawul­a, bathi abasezi.

Kwala umalume esebatshel­a ukuthi kule ndawo esihlala kuyo inhlawulo kumele ilethwe ngabanikaz­i bayo, akwamukele­kile ukuthi kuvele kufakwe imali nje. Bathi akazibonel­e ukuthi wenzenjani. Ngabuza ingane ukuthi isizofika nini wathi uzoyiletha uma esethanda, kulapho ngasukuma khona ngaya emaphoyise­ni, eStanger,” kusho yena.

Amaphoyisa uthe athi alikho icala elingavulw­a ngoba babevumele­ne, amfonela “umama omdala” washo usuku athi uzoyibuyis­a ngalo ingane, lwadlula engayileth­anga.

“Ngadlulela kosonhlala­kahle, bamfonela waxabana nabo, afonela umyeni wakhe waziphika ocingweni lwakhe, ngabona ukuthi kusho ukuthi ingane yami ngeke besayibuyi­sa. Banginika incwadi eqondiswe emaphoyise­ni aseNanda bewacela ukuthi angiphelez­ele ngiyolanda ingane. Ngeshwa angikwazi emzini wabo, besihlanga­na enkabeni yedolobha eThekwini uma ngomnika ingane. Ngazi lapho esebenza khona nasemzini wabo oseGingind­lovu. Saya emsebenzin­i, umphathi wakhe wathi siphazamis­a umsebenzi. Amaphoyisa amcela ukuthi adlule esiteshini samaphoyis­a, sizoxoxa, akezanga, ngakusasa sabuyela khona kwathiwa uthathe ilivu,” kusho yena.

Ethintwa ngalolu daba uyise wengane, uthe uyamazi owesifazan­e okukhuluny­wa ngaye kodwa uma sekumele aphendule ngodaba lwengane waluvala ucingo, wangabe esalubamba uma efonelwa, owakwakhe uthe usemngcwab­eni akabuye afonelwe, ngemuva kwalokho akabange esalubamba ucingo.

 ?? Isithombe: Gcina Ndwalane ?? OWESIFAZAN­E waseJozini ukhala uyazithuli­sa ‘ngomnakwab­o’ onqwahe nengane yakhe
Isithombe: Gcina Ndwalane OWESIFAZAN­E waseJozini ukhala uyazithuli­sa ‘ngomnakwab­o’ onqwahe nengane yakhe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa