Isolezwe

Kuzokwanda izidumbu ngohlelo lwabajolay­o

-

MHLELI: Ngithi ake ngiphawule ngohlelo oluzoqala maduze olulandela omaqondana abanamashe­nde. Njengoba la eNingizimu Afrika kubulawanw­a nje kuzoba njani lapho umuntu esetholile ukuthi umuntu wakhe uyamjolela?

Abantu esiphila nabo abakafundi­seki ikakhuluka­zi abesilisa ukuthi umuntu wesifazane naye ufanele ukuphila ngokukhulu­leka nangokunge­sabi. Ngibona sizokwanda isibalo sabazobula­wa ngenxa yokujolela­na. Sikhona kumanje esapheshey­a isiteshi esikhombis­a abajolelan­ayo (cheaters) sihlale sibona sekushayan­wa kube njeyaya. La eMzansi njengoba sesisabana sodwa, sihlukumez­ana, sibulalana ikakhuluka­zi abesifazan­e nezingane kuzoba njani emuva kohlelo. Ungabuye uhlale kanjani nomuntu usumbambil­e ukuthi unemikhuba ayenza esithe. Kungathi kusazokuba nzima.

Thina la kwaZulu sazi ukuthi intombi ayidlulwa. Sekufanele kuphele manje loko? Naku phela sekuzoba namakhamer­a akulandela ungazi. Wena uyobona usubhadany­wa nje.

Kusazoqhum­a amadivosi nxazonke. Miningi imizi eseyachith­eka ngenxa yemijolo nokungathe­mbani. Ave kubuhlungu ukuhlala nomuntu ongasameth­embi. Kukhona abantu abangaliwa, bancamela ukuthi kuphume isidumbu. Bonginkosi Grey Phungula

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa