Isolezwe

Sinenkinga ngekhansel­a elingazila­leli izikhalo zethu

-

MHLELI: Sinenkinga kumasipala wethu uMlalazi oholwa uMnuz uSithole ku-ward 6. Thina sakhe eSigubudu sinezikhal­o ngomholi wethu.

Akasenzeli lutho sesikhulum­e kwaze kwatsheka imilomo kodwa akezwa. Sicela umgwaqo ongeke uthathe ngisho usuku ukuwakha ngendlela omfishane ngayo. Sidinga nogesi kodwa lutho nawo bathi asikho emephini. Wafika futhi u-phase 2 wokufakwa kukagesi bazifaka izigxobo umuzi nomuzi kwaphela isonto bazilanda bathi asikho emephini ka-phase 2 wokufakwa kwagesi. Kanti ubani lo owenza le mephu? Uma kuwumuntu akasasifak­i ngani pho thina?

Kuyakhanya kweminye imizi ngakithi kodwa kunemizi engu-12 engenagesi eyakhe eSigubudu. Akasho uSithole ukuthi senzeni kanti thina? Siyacela uNgqongqos­he uNomusa Dube-Ncube wezokuBusa ngokuBambi­sana angenele safa wukuhluphe­ka. Okhathazek­ile ESHOWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa