Isikebhe sishaya nabantu abangenacala
MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngivumele nami ngisike elijikayo. Kunale nhlangano ebizwa ngokuthi iSikebhe emandla kakhulu ngapha kwelakithi eMkhanyakude edume ngesibhaxu emaseleni ahlukumeza umphakathi.
Kuhle uma bejezisa amasela kodwa ngikhala ngendlela abasebenza ngayo abaqeqeshiwe ukwenza umsebenzi wokuphenya abanye babo abazi ngisho umbombo kathisha lokho okuholela ekutheni beshaye abantu abangenacala.
Kunesigameko nje la ngakithi eJozini beshaye khona ubaba wakwamakhelwane ekugcineni kwavela ukuthi akanacala umsolwa wawavuma amacala washo ukuthi lo baba uyasukelwa.
Ngithi ayibhekwe indlela esebenza ngayo le nhlangano ngoba nathi ngeke sivume kushaywe obaba bengenacala. Okhathazekile EJOZINI