Isolezwe

Isikebhe sishaya nabantu abangenaca­la

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngivumele nami ngisike elijikayo. Kunale nhlangano ebizwa ngokuthi iSikebhe emandla kakhulu ngapha kwelakithi eMkhanyaku­de edume ngesibhaxu emaseleni ahlukumeza umphakathi.

Kuhle uma bejezisa amasela kodwa ngikhala ngendlela abasebenza ngayo abaqeqeshi­we ukwenza umsebenzi wokuphenya abanye babo abazi ngisho umbombo kathisha lokho okuholela ekutheni beshaye abantu abangenaca­la.

Kunesigame­ko nje la ngakithi eJozini beshaye khona ubaba wakwamakhe­lwane ekugcineni kwavela ukuthi akanacala umsolwa wawavuma amacala washo ukuthi lo baba uyasukelwa.

Ngithi ayibhekwe indlela esebenza ngayo le nhlangano ngoba nathi ngeke sivume kushaywe obaba bengenacal­a. Okhathazek­ile EJOZINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa