Ufica amakati alingana nembuzi ejahana esitolo
MHLELI: Ngivumele ngiphefumule nakhu okungiphethe kabi engikubona kwenzeka ezweni okungekuhle neze.
Ngike ngasebenza kwesinye isitolo esidumile eMgungundlovu esiphethwe amaSulumane kodwa bengisebenzela enye inkampani ethengisa ngempuphu.
Into engiyibone khona ngaphakathi iyathusa. Konakele laphaya inkinga ngeke uwabone amaSulumane ethenga khona kuthenga thina abebala elimnyama kuyagcwala ngendlela esabekayo.
Uyabona uma ukhuluma ngokungcola kwakhona into ongakaze uyibone.
Kunamakati angcolisa izimpahla ngendlela exakile. Amachips ezingane zesikole agcwele indle yamakati nempuphu yakhona igcwele indle yamakati.
Enza yonke into lawa makati laphaya inkinga abaphathi bakhona abawenzi lutho ufica amakati alingana nezinyane noma imbuzi endala ejahana ngaphakathi.
Abantu abafunde ukubhekisisa ukuthi bathenga kuphi ngoba ngaphezu kwalokho ngeke uwabone maSulumane ethenga kulezi zitolo zawo.
Yithina bebala elimnyama esigula siguliswa amagciwane adalwa ubudedengu balolu hlanga olusidlisa amanyala. Mzokhona Mdu Gcabashe EMKHAMBATHINI