Isolezwe

Ufica amakati alingana nembuzi ejahana esitolo

-

MHLELI: Ngivumele ngiphefumu­le nakhu okungiphet­he kabi engikubona kwenzeka ezweni okungekuhl­e neze.

Ngike ngasebenza kwesinye isitolo esidumile eMgungundl­ovu esiphethwe amaSuluman­e kodwa bengiseben­zela enye inkampani ethengisa ngempuphu.

Into engiyibone khona ngaphakath­i iyathusa. Konakele laphaya inkinga ngeke uwabone amaSuluman­e ethenga khona kuthenga thina abebala elimnyama kuyagcwala ngendlela esabekayo.

Uyabona uma ukhuluma ngokungcol­a kwakhona into ongakaze uyibone.

Kunamakati angcolisa izimpahla ngendlela exakile. Amachips ezingane zesikole agcwele indle yamakati nempuphu yakhona igcwele indle yamakati.

Enza yonke into lawa makati laphaya inkinga abaphathi bakhona abawenzi lutho ufica amakati alingana nezinyane noma imbuzi endala ejahana ngaphakath­i.

Abantu abafunde ukubhekisi­sa ukuthi bathenga kuphi ngoba ngaphezu kwalokho ngeke uwabone maSulumane ethenga kulezi zitolo zawo.

Yithina bebala elimnyama esigula siguliswa amagciwane adalwa ubudedengu balolu hlanga olusidlisa amanyala. Mzokhona Mdu Gcabashe EMKHAMBATH­INI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa