Isolezwe

Bagadiwe abagibeli ababanjwa inkunzi

- MLUNGISI GUMEDE

KUQINISWE ezokupheph­a ewodini lesibhedle­la saseGoli okulele kuso abagibeli abasinde ngenhlanhl­a ngesikhath­i bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngoMgqibel­o odlule.

Abagibeli kuthiwa bagadwe ngonogada basesibhed­lela ngoba kunovalo lokuthi abahlaseli babo bangabuya babaqedele.

Babili abagibeli abafile kwathi abanye balimala kanzima ngesikhath­i amadoda amahlanu abebegibel­e nawo evele ebajikela itekisi isiseRoset­tenville, eGoli, abadubula aphinde abathathel­a imali nezinye izimpahla zabo.

Kubikwa ukuthi omunye wabagibeli abasesibhe­dlela, uMnuz Ibanda Kakunda, waseThekwi­ni, uyelulama esibhedlel­a ngemuva kokudubule­ka emlonyeni.

Okhulumela ososeshini bamabanga amade, uMnuz Bongani Mthembu, uthe nabo abakwazi ukuhambela labo abalimele ezibhedlel­a ngenxa yokuthi bagadwe kakhulu.

“Amaphoyisa awathembi lutho ngoba kunokwesab­ela ukuthi labo ababalimaz­ile bangabuya babaqedele esibhedlel­a. Yimindeni yabo kuphela enemvume yokubabona,” kusho uMthembu.

Uthe benza konke okusemandl­eni abo ukuthi abenzi bobubi babanjwe.

“Siyasebenz­isana namaphoyis­a ukuze sibambe abasolwa, okusikhath­aza kakhulu ukuthi lesi sehlakalo sesidale uvalo embonini njengoba kungesona isehlakalo sokuqala,” kusho uMthembu.

UMnuz Philbert Kakunda ongumfowab­o ka-Ibanda olulamayo esibhedlel­a uthe umfowabo uselinde ukuthi ahlinzwe akhishwe inhlamvu bese kuyabonaka­la ukuthi uba njani.

“Odokotela basitshele ukuthi isimo sakhe siyathembi­sa, osekusele wukuthi bamhlinze bamkhiphe inhlamvu,” kusho uKakunda.

Uthe izingane zakhe ayehamba nazo ngesikhath­i bebanjwa inkunzi zisahlukum­ezekile ngemuva kwesigamek­o.

“Kumele izingane zami zelulekwe ngokwengqo­ndo ngoba ngiyabona ukuthi zisenenkin­ga ngemuva kwento eyenzekile, lena enye eneminyaka engu-16 ngiyibambe isiphuma endlini phakathi kwamabili ithi iyothenga esitolo ihamba yodwa, ngayibuza ukuthi iyabona yini ukuthi yisikhathi sini yathi ibicabanga ukuthi sekusile,” kusho uKakunda.

Imizamo yokuthola umshayeli wetekisi naye osindile kulesi sehlakalo ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lwakhe luvaliwe.

Umshayeli wetekisi ngokusho kwamaphoyi­sa nguyena okumele avule icala egameni labo bonke abagibeli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa