Isolezwe

‘ICrusaders ngeke izenzele kithina’

- NDUDUZO DLADLA

KUSULEKE izinyembez­i kumshayisi­bhakela waseNingiz­imu Afrika, uMoruti “Babyface” Mthalane, ewina ibhande le-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) flyweight izolo entathakus­a.

UMthalane waKwaZulu-Natal, uhlule uMuhammad Waseem wasePalest­ine ngamaphuzu empini ebiseKuala Lampur, eMalaysia. Amajaji womathathu impi ayinikeze uMthalane ngo 114-113, 114-113 no 116-110. Impi kaMthalane noWaseem ibibhulela amazolo ebikade iphakathi kwengqwele yomhlaba uManny “Pacman” Pacquiao noLucas Matthysse waseArgent­ina abebebanga ibhande leWorld Boxing Associatio­n (WBA) welterweig­ht.

UPacquiao wasePhilip­pines, unqobe ngomngqimu­zo womlalisa phansi. Usewine izicoco zomhlaba ezingu-11 ezigabeni eziyisishi­yagalombil­i.

UMthalane ubuyise ibhande aliphucwa yi-IBF engalivike­langa emuva kokuthi enqabe ukulwa ekhala ngemali encane ayezoyinik­wa ngu-phromotha phesheya kwezilwand­le. Inhliziyo yakhe ibibuhlung­u isikhathi eside ngenxa yalokhu futhi ubengakufi­hli ukuthi uyakuncame­la ukushaywa eringini kunokuphuc­wa ibhande ngenxa yezimo ezinjena.

Ngokuhlulw­a nguMthalan­e, uWaseem, uphunyukwe yithuba lokuba yiqhawe ePalestine ngokuba ngumshayis­ibhakela wokuqala ukuwina ibhande lomhlaba emlandweni wezwe lakhe. Ngaphambi kwempi, uWaseem obeyingqwe­le esigabeni samaamesha, ucele imithandaz­o kubantu bangakubo.

Empini yangeSonto, uMthalane usebenze kanzima zibekwa ekhipha nezibhakel­a ezisheshay­o ebeziyitho­la indawo emihlathin­i kaWaseem. Umhlokoloz­o wakhe ajwayele ukudla ngawo ubuyiphaza­misa imicabango kaWaseem. Nokho uWaseem ukhombisil­e ngokuqhube­ka kwempi ukuthi kungani ethole ithuba lokulwela ibhande le-IBF enezimpi eziyisishi­yagalombil­i kuphela esibhakele­ni esikhokhel­ayo. UMthalane ucishe wamosha wonke umsebenzi abese ewenzile evumela uWaseem ukuthi abuyele empini ngokungash­eshi ukuvika uma ekade ekhiphile nokuyinto ikhona likaWaseem eliyibonil­e layisebenz­isa. Ngomzulisw­ano ka-11, uWaseem umqumbe phansi uMthalane ngesibhake­la sesokunxel­e. Nokho leli qhawe laseKZN libuye ngamandla lenza isiqinisek­o sokuthi liyawuwina umzuliswan­o wokugcina.

UMQEQESHI weCell C Sharks, uRobert Du Preez, uthi uma iCrusaders icabanga ukuthi izoziphuze­la itiye kubona, ishaye phansi kwashunqa uthuli ngoba izoyikhoth­a imbenge yomile.

UDu Preez ukusho lokhu ngoMgqibel­o ebusuku ngemva kokuthi ezakhe zithele othulini iJaguares ngo 20-10, eKings Park.

Ama-try amabili eSharks ashaywe u-Akker van der Werwe noKobus van Wyk. IJaguares ishaye eyodwa ebekwe uSebastian Canceleirr.

Bekuwumdla­lo iSharks obekufanel­e iwunqobe noma yikanjani ngoba iHighlande­rs iwenze walula umsebenzi ishaya iRebels ngo 43-37. Njengoba iSharks igcine iwunqobile umdlalo, ibe ngunombolo 8 kwi-log ehlanganis­a wonke amaqembu kwiSuper Rugby ngamaphuzu awu-36.

Lokhu kusho ukuthi izotholana phezulu neCrusader­s yaseNew Zealand okuyiyona eqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-63. Kwabaningi iSharks ngeke ilibone elidlalayo kulo mdlalo ezinkunzin­i zaseNew Zealand kodwa uDu Preez uthe kungenzeka noma yini nakuba sekuphele iminyaka emibili iCrusaders ingashayel­wa ekhaya.

“Sibhekene neqembu elihle futhi elinomland­o omuhle. Alikho esicongwen­i se-log ngephutha. Linabadlal­i abahle futhi abakwaziyo ukugcina ibhola esandleni uma beliphethe. Asiyile nathi ukuyoba ngabalande­li. Sizofike sizibonaka­lise, kungenzeka noma yini ngoba siyolwa impela,” usho kanje uDu Preez.

NgoMashi iSharks ivakashele eNew Zealand ukuyozwana amandla namaqembu akhona kulo mqhudelwan­o weSuper Rugby. EzikaDu Preez zathela othulini iBlues ngo 63-40, zahlulwa ekugcineni zidlala neHurrican­es ngo 38-37.

“Siyazi ukuthi bayasazi, njengoba nathi sibazi. Leli yithuba elihle lokuthi sikhombise ukuthi esikwenze sivakashel­e khona (eNew Zealand) kwakungekh­ona ukuqondana kwezinto. Sifuna ukubahlula, kungenjalo kuzofanele sihlale phansi ekhaya singalubha­di khona,” kusho uDu Preez. ISharks ihambe izolo ekuseni ukuya eNew Zealand. Lions 38-12 Bulls; Sharks 20-10 Jaguares; Waratahs 31-40 Brumbies; Crusaders 54-17 Blues; Highlander­s 43-37 Rebels; Reds 48-27 Sunwolves; Chiefs 28-24 Hurricanes

 ??  ?? MORUTI MTHALANE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
MORUTI MTHALANE THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weSharks, uChilliboy Ralepelle, ejaha uBautista Ezcurra weJaguares emdlalweni weSuper Rugby eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weSharks, uChilliboy Ralepelle, ejaha uBautista Ezcurra weJaguares emdlalweni weSuper Rugby eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa