IFrance iqukule eyoMhlaba okwesibili ihlula iCroatia

Isolezwe - - EZEMIDLALO - SIHLE NDLOVU

IFRANCE ibe ngompetha beNdebe yoMhlaba ka-2018 ngemuva kokushaya iCroatia emdlalweni wamanqamu, eLuzhiniki Stadium, eRussia izolo.

IFrance yayigcine ukuwina iNdebe yoMhlaba ngo-1998 ngesikhathi idlalela ekhaya kusavutha uZinedine Zidane no-Emmanuel Petit. Ngalowo nyaka yayiqala ngqa ukuphakamisa iNdebe yoMhlaba emlandweni wayo.

Kuqale kwaba yiCroatia ebicindezela ngemizuzu yokuqala. IFrance ibibonakala ilandela izithunzi kwaze kwaba ithola ifree kick ngomzuzu ka-19. UMario Mandzukic ulingqofele phakathi enethini yangakubo ngephutha yahamba phambi iFrance. Bekungokuka 12 kulo mqhudelwano ka-2018 umkhonto ugwaza ekhaya kanti bekuqala ukuthi kwenzeke lokhu emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba.

Ngomzuzu ka-28 iCroatia ithole eyayo ifree kick ngaphandle kwebhokisi. Ibhola ligcine lifinyelele ku-Ivan Perisic odonse intuthu yakhala phakathi kwaba ngu 1-1.

IFrance ithole iphenathi ngomzuzu ka-36 ngemuva kokuthi ibhola lishaye isandla somdlali weCroatia ebhokisini kade kuyikhona. U-Anton Griezmann uyibeke phakathi kwaba u 2-1.

Isiwombe sesibili siqale kuseyiCroatia ebibukeka ingcono uma iya phambili yize kade ilandela ngemuva. Ngomzuzu ka-53 umdlalo uke wamiswa ngemuva kokuthi kukhona abalandeli abavele bangena enkundleni.

UPaul Pogba uyibeke ebuhleni iFrance eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-59 kwacaca ukuthi iNdebe yoMhlaba ayiyi eCroatia okokuqala emlandweni. Ibingakaqedi iFrance ngoba ngomzuzu ka-65 uMbappe ushaye igoli lesine kwachwaza inkundla.

UMandzukic uzamile ukubuyisela iCroatia emdlalweni ngesikhathi eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-69. Nokho bese kucaca ukuthi isikhathi sivuna iFrance ebisihamba phambili ngamagoli amabili.

ICroatia ayililahlanga ithemba njengoba ibilokhu izama njalo ukuya phambili ukuze ithole amagoli okulinganisa. Leli lizwe beliqala ngqa ukudlala kowamanqamu weNdebe yoMhlaba, futhi limangaze abaningi kulo mqhudelwano.

INdebe yoMhlaba elandelayo ingo2022 eQatar.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.