Isolezwe

Abantu abangiqond­i kahle: Eymael

-

kungenzeki lutho ekupheleni kwezinsuku engizibeke­le zona kuze kuba uJuni 12, ngizobuyel­a kwiFree State Stars. Abantu kade bethi, engicabang­a ukuthi akulona iqiniso, ngiyazithw­ala futhi nginqumela ugwayi katiki amaqembu. Akukaze kube njalo. Bekuwukuma emazwini ami ngoba ngethembis­a uRantsie Mokoena (imenenja yeStars) ukumgcina ewazi amaqembu akhuluma nemenenja yami,” kusho u-Eymael.

“Ngamthembi­sa ukuthi angifuni ukumenzela phansi, uma kukhona okwenzekay­o kuzoba ngaphambi kukaJuni 12. Isizathu esenza ngenze lokho kungenxa yezintathe­li nabantu abathize. Ungayihumu­sha ngendlela yakho kodwa mina ngangigcin­a amazwi ami. Abanye abantu kade bengithuka ezinkundle­ni zokuxhuman­a kodwa manje niyabona ukuthi ngibuyile kwiStars ngaphandle kokuthi kade ngifunwa naphesheya.”

IStars ihlulwe yiChiefs ngo 6-5 sekushaywa amaphenath­i kowamanqam­u weBokone Bophirima Maize Cup eJames Motlatsi Stadium, eNorth West, ngoMgqibel­o. Nakuba umqhudelwa­no uthathwa njengowoku­zicijela ukuqala kwesizini nokuhlola abadlali abasha kodwa u-Eymael ubebukeka efuna ngakho konke ukwehlula iChiefs. IStars idlalise nabadlali abasha okukhona kubona umgadli, u-Eleazar Rodgers, ohlukane neBidvest Wits, Linda Bengu, owayedlale­la AmaZulu noDevon Saal, oxoshwe yiMaritzbu­rg United ngemuva kokuchapha ngenhlamba umqeqeshi uFadlu Davids ngesizini edlule.

I-Ea Lla Koto izovula isizini neChiefs emdlalweni weMTN8 ebhekwe ukuthi iqale ngempelaso­nto yokuqala ka-Agasti. U-Eymael uhole iqembu lawina indebe yeNedbank Cup nokulifake emqhudelwa­neni iCAF Confederat­ion Cup ezohambisa­na kuwona neChiefs eqede endaweni yesithathu ye-log ye-Absa Premiershi­p.

“Sikhulumil­e mayelana nokwenza okungaphez­ulu ngesizini ezayo kodwa asikayiqed­i imininingw­ane. Akulula ukuphinda okwangesiz­ini edlule. Ukwenza lokho sekuvele kunzima ngeqembu elingenasi­manga njengaleli. Kodwa ukuyiphind­a kunzima ngokuphind­we kayishumi. Sizoqala ngomdlalo onzima neChiefs kwiMTN8 emuva kwalokho siya kuMaZulu. Sizozama ukuqala kahle kwiligi njengomunt­u wonke ngoba kungcono ukuthola amaphuzu kusakhanya. Sizobona ukuthi simelana kanjani nesimo ngoba manje kufanele sidlale iMTN8, iligi, Telkom Knockout, Nedbank Cup neConfeder­ation Cup ekupheleni kukaNovemb­a futhi umdlalo unzima. Kodwa sizozama ukushintsh­anisa abadlali ukuze sithole imiphumela,” kusho u-Eymael.

 ??  ?? LUC EYMAEL
LUC EYMAEL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa