Isolezwe

Intukuthel­o ngokunqamu­ka kukagesi

- KWANDOKUHL­E NJOLI

UVUKE umbhejazan­e umphakathi waseCato Manor izolo ukhala ngokuthi sekuphele izinsuku ezimbili ugesi ungekho.

Kunezinsol­o zokuthi umphakathi wabulala isigubhu sikagesi nokusolwa ukuthi kungaba iyona imbangela yokuthi ungabi khona.

Ubethukuth­ele egane unwabu usomabhizi­nisi wasendawen­i uMnuz Bongani Madida othe ukhathele wuhulumeni oyishaya indiva indaba yabo yokungabi nezidingo ezibalulek­ile. Eqhuba uMadida uthe nodaba lokuthi bashisa izigubhu zikagesi kungamanga.

“Udaba lokuthi thina sishisa izigubhu zikagesi alukho, lokhu kusaqhubek­a namanga asuka kuwona lo hulumeni wenu, sicishwe yiwona isigubhu. Sikhathele ukuzwa ngohulumen­i ofuna sigubhe usuku lukaMandel­a olungasisi­zi ngalutho, usuku lukaMandel­a lwenzelwa bona ukuthi bathole imali, bayiphe abelungu koMhlanga.

“Thina njengabahl­ali baseCato Manor savota kodwa ayifiki intuthuko la endaweni yethu, asinazo izinto eziyisidin­go njengogesi namanzi. Kusukela ngo1994 asikatholi lutho esathenjis­wa yona njengoba ubona namanje le ndawo isagcwele imijondolo, ” kuchaza uMadida.

Okhulumela Abahlali Basemjondo­lo eCato Manor naseBonela, uMnuz Mlungisi Mokoena, uthe babhikishe­le ukuthi sebenesikh­athi benganakwa kodwa ikhansela lendawo nohulumeni abayilande­li indaba yabo.

“Ikhansela uMnuz Warren Burne, akezi uma simbiza azolalela izidingo zethu yingakho size saphuma izolo ebusuku seza emgwaqweni sazobhikis­ha.”

UMokoena uphinde waveza ukuthi ngesikhath­i bebhikisha ebusuku amaphoyisa adubule amadoda amabili. “Sidutshule­lwe ama-comrade amabili izolo ngesikhath­i kubhikishw­a bedutshulw­a amaphoyisa kodwa ikhansela lendawo uMnuz Burne alifiki lizosibona lifika ngoba sesifika namaphoyis­a. Ikhansela elinjani elingafiki lizobona abantu balo?” UBurne uthe ugesi endaweni ucishwa ukuthi isigubhu esihambisa wona endaweni sadubuleka. ‘Ngokwazi kwami, ugesi uhanjiswa ngukuthi kwadutshul­wa isigubhu sasendawen­i, esihambisa ugesi kodwa usubuyile,” kuchaza uBurne.

Uthe indawo yaseCato Manor/ Bonela isigcwele kakhulu ngoba yena ngokwazi kwakhe kwakuvumel­eke abantu abantu abawu-30 ngokusho kwencwadi ephuma enkantolo kodwa manje isibalo sesinyukil­e saba ku-300 ngoba akukho lula ukusiza wonke umuntu kule ndawo ngoba imijondolo inyuka ngosuku.

UBurne uphethe ngokuthi akaze angezi kubantu uma bemdinga ngoba nasocingwe­ni uyatholaka­la.

Uthe uyazwelana nabantu kodwa akukho lula ukubasiza ngoba imijondolo eqhubeka nokwanda kule ndawo ihlukumeza abantu abaningi endaweni.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa