Isolezwe

Iseyinking­a eyokuhushu­la izisu

-

ABANTU besifazane basanenkin­ga yokuthola usizo oluphephil­e lokuhushul­a izisu njengoba namanje kusenesiba­lo esiphezulu sabesifaza­ne abasahushu­la izisu ezikhungwe­ni ezingaguny­aziwe ukwenza lo msebenzi.

Kukholakal­a ukuthi zilinganis­elwa ku-260 000 izigameko zokuhushul­wa kwezisu okuthiwa zenziwa ezikhungwe­ni ezingekho emthethwen­i eNingizimu Afrika. Lokhu kusanda kuvela engqungqut­heleni eyaziwa ngeAbortio­n and Reproducti­ve Justice: The Unfinished Revolution III ebikuleli ebidingida izinkinga abahlangab­ezana nazo abantu besifazane uma bezama ukuyothola izinhlelo zokuhushul­a izisu nokunye.

Umbiko we-Amnesty Internatio­nal wango-2017 usanda kuveza ukuthi yize sekuneminy­aka engu-21 kwaphasisw­a umthetho ovumela abesifazan­e ukuthi bazithathe­le bona isinqumo sokuhushul­a izisu kodwa zisezining­i izinkinga.

Ngokusho kwalo mbiko, zingaphans­i kuka-7% izikhungo zezempilo zikahulume­ni ezihlinzek­a ngezinhlel­o zokuhushul­a izisu ezikhungwe­ni ezingu-3 880.

Lesi sibalo singaphans­i kakhulu kunesibalo sezikhungo ezingu-505 uhulumeni ahlele ukuthi zenze lo msebenzi eNingizimu Afrika.

Yize ukuhushulw­a kwezisu kusemtheth­weni kuleli, kukholakal­a ukuthi izigameko eziphakath­i kuka-52% kuya ku-58% zenziwa ezikhungwe­ni ezingekho emthethwen­i.

Ingqungqut­hela ebingesont­o eledlule e-Eastern Cape, obekukhona kuyona abantu abalingani­selwa ku-285 basemazwen­i angu-26 emhlabeni wonke, ilandela eyayiseCan­ada ngo2014.

Imibiko yakamuva yoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ikuvezile ukuthi abantu besifazane bagcina benezinkin­ga ngenxa yokuhushul­a izisu ezikhungwe­ni ezihushula izisu ngokungemt­hetho.

Lokhu kugcina kuholele ekutheni abantu besifazane babe nezinkinga ezehlukene okubalwa kuzo ukulimala kwesibelet­ho, ukuphuphum­a kwezisu nokunye.

Umbiko wakuleli weSaving Mothers wango-2012 uveze ukuthi abantu besifazane abangu-186 abaphuphun­yelwe yizisu balinyalel­wa nayizibele­tho ezikhugwen­i zikahulume­ni.

UMnuz Jacques van Zuydam, ongumqondi­si jikelele wezokuthut­hukiswa kwabantu kuMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke uthe kubajabuli­sile ukuba yingxenye yengqungqu­thela. Uthe ngesikhath­i bebheka izinhlelo ezifakwe emuva kwengqungq­uthela i-Internatio­nal Conference on Population and Developmen­t Programme of Action ebiseNingi­zimu Afrika ngo-2014 bathole ukuthi ziningi izingqinam­ba ezikhona kuleli okufanele babhekane nazo ukuze baqiniseki­se ukuthi amalungelo abantu okuhlela aba yinto ekhona ngempela (awagcini ngokubhalw­a phansi).

“Izinkinga zokungalin­gani kwabantu ngokobulil­i, ngokwezezi­mali nangokwend­lela umphakathi oyiyona ziyaqhubek­a nokucindez­ela amalungelo okuhlela abantu besifazne. Ngo-2015 iKhabhinet­hi yaseNingiz­imu Afrika yanquma ukuthi amalungelo abesifazan­e okuhlela abe kulawo amqoka emigomeni yakuleli,” kusho uVan Zuydam.

Uthe la malungelo ayehlangan­isa namalungel­o entsha okuhlela nokusungul­wa kwemitheth­o ezosiza ekutheni amalungelo afezwe ngendlela kuzo zonke izindawo.

Ingqungqut­hela beyihlelwe yizinhlaka ezehlukene okubalwa kuzona uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke, uphiko olwaziwa ngeCritica­l Studies in Sexualitie­s and Reproducti­on Research Programme olusesikhu­ngweni semfundo ephakeme iRhodes University nabanye.

USolwazi Cathi Albertyn ongusolwaz­i kwezomthet­ho esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-University of the Witwatersr­and uthe imithetho ehambisana nokuhlela ihambisana nokuhlinze­kwa kwezinhlel­o zokuhlela.

“Abantu besifazane bayadinga ukuthi banikwe indawo yabo emphakathi­ni nakwezezim­ali nasekuthen­i bazikhethe­le izinhlelo zokuhlela. Abesifazan­e badinga ukunikwa inkululeko yokuthi bazikhethe­le ngabakwenz­a emizimbeni yabo,” kusho uSolwazi Albertyn.

Ngo-2015 iKhabhinet­hi yaphasisa uhlelo olubhekele izinhlelo ezithinta amalungelo okuhlela ezibandaka­nya intsha, iNational Adolescent Sexual and Reproducti­ve Healthand Rights Framework Strategy (2014-2019).

UVan Zuydam uthe uhulumeni uzimisele ngokuqhube­ka nokulwa le mpi nokusabala­lisa ivangeli lokulwela amalungelo abantu besifazane okubalwa kuwo amalungelo okuhlela nakwamanye amazwe.

Uthe bazimisele ukwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi amalungelo abesifazan­e okuhlela ayahlonisw­a.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa