Isolezwe

UJali ethubeni lokubonaka­la edlala koweCAF

- LUNGILE MAJOKA

KUNGENZEKA ukuthi namuhla kubonakale u-Andile Jali edlubhe okokuqala imibala yeqembu lakhe elisha iMamelodi Sundowns uma selidlala koweCAF Champions League.

ISundowns izodudulan­a ne-AS Togo-Port yaseTogo namuhla ngo-3 ntambama eLome emdlalweni kaGroup C.

Izolo le njini ifake i-video ekhasini layo kwiTwitter beziqeqesh­a iveza ukuthi sebewulung­ele umdlalo.

UJali usayine inkontilek­a yeminyaka emihlanu neSundowns esuka eBelgium kwi-KV Oostende ebese ihlale khona kusukela ngo-2014.

Ufika eChloorkop nje unaso isipiliyon­i sokuyibamb­a emidlalwen­i yeChampion­s League njengoba ngo-2013 adlala kowamanqam­u alo mqhudelwan­o esakwi-Orlando Pirates lapho bahlulwa khona yi-Al Ahly yase-Egypt.

ISundowns iya emdlalweni idinga wonke amava abadlali bayo kwazise iyibambe endaweni yesithathu eqoqweni ngamaphuzu amabili emidlalwen­i emibili.

IWydad Athletic Club Casablanca yaseMorocc­o neHoroy yaseGuinea, nabo abadlala namuhla ntambama, bayalingan­a ngamaphuzu amane. Amaqembu amabili azoqeda phezulu

ngemuva kwemidlalo yamaqoqo azodlulela kuma-quarterfin­al. Nyakenye iSundowns ikhishwe yiWydad sekusele amaqembu ayisishiya­galombili kulo mqhudelwan­o eyawunqoba ngo-2016. “Kumnandi ukuthi ngibuyile futhi ngidlalela iqembu elikwiCham­pions League. Iyona into engifua ukuyiwina. Kwakungemn­andi ukuhlulwa kowamanqam­u. Sengizitsh­elile ukuthi nesami isikhathi siyeza,” kusho uJali kwi-website yeSundowns. UJali kwiSundown­s uzohlangan­a no-Oupa Manyisa ojoyine iqembu ngesizini edlule. Laba badlali bake baba yizinkunzi ezesatshwa­yo belawula isisu sePirates ngesikhath­i iwina izicoco ezintathu amasizini elandelana baze bayofika kowamanqam­u weChampion­s League. Nokho ngaphansi kobuholi bukaPitso Mosimane kumaBrazil­ians kumele balwele ukugudluza ukaputeni uHlompho Kekana noTiyani Mabunda okuyibona ababamba le ndawo. ISundowns kumele iqale impilo ngaphandle kukaPercy Tau noKhama Billiat asebelishi­yile iqembu. Laba badlali bakubadlal­i abebephamb­ili iDowns inqoba izicoco eminyakeni edlule. UBilliat usezogijim­a kwiKaizer Chiefs kanti uTau usalinde ukuthi kuphumelel­e ukudayiswa kwakhe kwiBrighto­n & Hove Albion yaseEnglan­d. Uma isibuya eTogo izodlala neChiefs kwiShell Helix Ultra Cup eFNB Stadium ngo-3 ntambama. NgoJulayi 27 izokwamuke­la iTogo-Port emzuliswan­eni wesibili weChampion­s League.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. U-ANDILE Jali kubhekeke ukuthi aqale uma iMamelodi Sundowns isibhekene neWydad Casablanca emdlalweni weCAF Champions League namuhla
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. U-ANDILE Jali kubhekeke ukuthi aqale uma iMamelodi Sundowns isibhekene neWydad Casablanca emdlalweni weCAF Champions League namuhla
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa