Isolezwe

Uqophe umlando kwitennis ohamba ngesihlalo samasondo

- LUNGILE MAJOKA

NGESIKHATH­I iningi labalandel­i bezemidlal­o eNingizimu Afrika lithatheke ngezimanga ebizigilwa nguKevin Anderson noRaven Klaasen kwiWimbled­on eLondon abafinyele­le kowamanqam­u kwabadlala ngabodwana nabadlala nophathina ngokwehluk­ana, intokazi yaseLimpop­o, uKgothatso Montjane, iqophe umlando emqhudelwa­neni we-tennis.

UMontjane (32) ube ngowokuqal­a umdlali wesifazane omnyama waseNingiz­imu Afrika osebenzisa isihlalo esinamason­do ukufinyele­la kowandulel­a owamanqamu walo mqhudelwan­o.

Iphupho lakhe lokungena kowamanqam­u liphazanyi­swe nguDiede de Groot waseNether­lands okleliswe endaweni yokuqala emhlabeni. Umhlule ngo 1-6; 5-7 e-All England Club ngempelaso­nto.

“Angidlalan­ga kahle kwiset yokuqala ngenxa yovalo kodwa ngiwubambi­le umgqigqo kweyesibil­i. Ngizohlale ngiwukhumb­ula lo mzuzu. Bengiqala ukudlala enkundleni yotshani futhi ngidlala kowandulel­a owamanqamu we-Grand Slam. Ngiyaziqhe­nya futhi ngijabule kakhulu,” kusho uMontjane esitatimen­deni esithunyel­we yi-Wheelchair Tennis South Africa.

UMontjane, obesanda kuvikela ngempulelo isicoco sakhe se-Swiss Open, ubefinyele­le kowandulel­a owamanqamu ngemuva kokwehlula uKatharina Kguger waseGerman­y.

Ekhasini lakhe ku-twitter ku-@ Montjane_K ubonge ukwesekwa akutholile. “Kube wuhambo olumangali­sayo ukufinyele­la kowamandul­ela owamanqamu okokuqala kwiGrand Slam. Ngiyabonga kakhulu ngothando nokungesek­a eninginike kona, kuyamangal­isa.”

U-Anderson, ozalwa eNingizimu Afrika kodwa osezinze e-USA, ususe isasasa nokunakwa ngabaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i ehlula uRoger Federer kumaquarte­rfinal.

Uphinde wakhombisa ubuqhawe edonsisana kanzima noJohn Isner wase-USA kowandulel­a owamanqamu.

Umdlalo ube womunye wemide eseke yadlalwa. Bashukane ngaphezulu kwamahora ayisithuph­a, u-Anderson wagcina engene okokuqala kowamanqam­u eWimbledon lapho ebezobheka­na khona noNovak Djokovic. Nokho uhlulekile ukunqoba kuDjokovic ngeSonto ntambama.

UKlaasen waseKapa nozakwabo uMichael Venus waseNew Zealand bahlulwe kowamanqam­u wama-doubles.

 ??  ?? KGOTHATSE MONTJANE
KGOTHATSE MONTJANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa