Isolezwe

UKhumalo ukhonjwa kwiChippa United

- ZAKHELE XABA

UKHONJWA kwiChippa United umdlali ochithwe yiKaizer Chiefs, uSibisiso Khumalo, okuze kube manje akakalitho­li iqembu azogijima kulo ngesizini ka-2018/2019.

UKhumalo uhlukane neChiefs emasontwen­i edlule nabanye abadlali okukhona kubo uTsepo Masilela abekade ebanga naye indawo emuva kwesokunxe­le, Keagan Buchanan osethole ikhaya elisha kwiMaritzb­urg United nabanye. UKhumalo ubelizwa ngendaba ijezi kuqeqesha uSteve Komphela. UMasilela ubehlushwa wukulimala kwiChiefs.

Isolezwe lihoshe enkambini yeChippa ukuthi kugcine kuvunyelwa­ne ngokuthi kusayinisw­e uKhumalo yize kade kukhona abafuna uMasilela. Indawo yasemuva kwesokunxe­le kwiChippa isale ingenamunt­u emuva kokuthi uPaseka Mako ehlwithwe yi-Orlando Pirates emasontwen­i edlule. Bekukade kukhona noNkosinat­hi Mthiyane iChippa ebikade imboleke kwiPirates.

“Sengathi kuza uKhumalo. Mina nabanye kade sifuna uMasilela kodwa kugcine kuphumelel­e ekaKhumalo ngoba uzokwazi ukudlala indlela umqeqeshi ayifunayo yokudlala ibhola phansi,” kusho umthombo ongaphakat­hi kwiChippa.

IChippa ihlulwe yiFree State Stars sekushaywa amaphenath­i emqhudelwa­neni iBokone Bophirima Maize Cup okade useNorth West ngempelaso­nto. IMaize Cup igcine idliwe yiChiefs ehlule i-Ea Lla Koto kowamanqam­u sekukhahle­lwa amaphenath­i.

Umqeqeshi weChippa, uDan Malesela, uphawulile ngenkinga abanayo emuva kwesokunxe­le. IChilli Boys isanda kusayina umdlali osemncane uNtwenhle “Romeo” Zondo obegijma kuThongath­i FC kwiNationa­l First Division (NFD).

KwiMaize Cup emuva kwesokunxe­le kade kudlala uTebogo Thlolane obeyibamba esiswini kwiJomo Cosmos.

“Konke kuzoncika ekutheni laba bafana benza kanjani. Sinemidlal­o eGoli. Uma uThlolane eqhubeka nokudlala kahle, kungani sizofuna omunye umuntu. Kodwa iyona indawo esiphatha kabi (emuva kwesokunxe­le). Sinaye omunye umfana lapha. Asimdlalis­anga ngoba bengisafun­a ukumnika isikhathi sokuthi azijwayeze nezinga lePSL. Kade edlala kuThongath­i, uZondo. Ngethemba ukuthi naye uzobona ukuthi kufanele abhukule athole indawo esikimini. UZondo muhle ebholeni kodwa kufanele aqine uma kumakwa,” kusho uMalesela.

IChippa isekhempin­i eGauteng lapho izodlala khona imidlalo yobungani neHighland­s Park, Bidvest Wits neTS Galaxy kaTim Sukazi edlala kwiNFD.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIBUSISO Khumalo obegijima kwiKaizer Chiefs angase athushuke kwiChippa United okuthiwa ifuna umdlali wasemuva kwesokunxe­le
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIBUSISO Khumalo obegijima kwiKaizer Chiefs angase athushuke kwiChippa United okuthiwa ifuna umdlali wasemuva kwesokunxe­le

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa