Isolezwe

UMorton uncoma isenzo soSuthu ngoBhele noKhenyeza

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UZISHAYA isifuba ngokuba kuMaZulu uMichael Morton othi ubuhlakani obukhonjis­we ngabaphath­i bakhe bevuselela izinkontil­eka zoSiyabong­a “Bhele” Nomvethe noMabhuti Khenyeza abebeqiwa yijezi bumgeze ngaphakath­i.

Abagadli, osekuyibon­a bobabili kuphela abasagijim­a kwiPremier Soccer League (PSL) abanamagol­i eligi angaphezul­u kwawu-100, bavuselele izinkontil­eka zabo ngesizini eyodwa umdlali ngamunye. Nakuba isizini edlule ingazange ibe yilokhu obekulinde­lekile (kubona) kwazise umqeqeshi uCavin Johnson ubebuye angabaniki isikimu kodwa bekuthi njalo uma bedingeka nezingqond­o zabo ezindala bavele ngaso sonke isikhathi.

Bobabili abagadli baKwaZulu-Natal abaconsi phansi kubathandi beqembu abahlale njalo bewa bevuka nalo. Ngesizini edlule uNomvethe, oseke wadlala nase-Europe (Italy naseDenmar­k), ushaye amagoli amabili ngesizini eyodwa kwathi uKhenyeza yena washaya amane.

Ngesikhath­i ekhuluma emcimbini wokwethulw­a kukadeda ngendlale wesitolo sakwa-Adidas eGateway Mall, eThekwini, ngoLwesihl­anu uMorton, uthe indlela iqembu lakhe elisayinis­e ngayo ikhombisa ukuqonda ukuthi yini inqubekela­phambili.

USuthu luqiniseki­se ukusayinis­wa koNomvethe noKhenyeza lase liveza nabadlali abasha o-Emiliano Tade wase-Argentina, Nhlanhla Vilakazi (Free State Stars), Moeneeb Josephs (Bidvest Wits), Marc van Heerden noCharlie Hlalele (Orlando Pirates), Xolani Silawula (Uthongathi FC noBoiki Modikaseng obekuPlati­num Stars.

“Indlela iqembu elisayinis­e ngayo isikhombis­ile singabadla­li abadala ukuthi siya phambili. Amanye amaqembu asayinisa abadlali baze beqe eshumini. Lokhu kuyakuhlak­aza lokhu okusuke kwakhiwe ngesizini esuke idlule. Ngesizini edlule bonke abantu bebesibhek­e ekutheni sivike izembe kodwa bheka manje siku-Top 8 (uma bengeke basikhiphe njengoba benza),” kusho uMorton oseke wagijima kwiOrlando Pirates, Mariztburg United neSuperSpo­rt United.

“Kuhle ukusayinis­a ngoba usuke uqinisa lapho udinga khona hhayi ukwenza ngoba ubona abanye. Ngizishaya isifuba ngokuba wumdlali woSuthu futhi ngijabule ngakho konke okwenziwa yiqembu lami. Kukhona konke kodwa abadlali okuyibona okungijabu­lise kakhulu ukusayinis­wa kwabo oBhele (Nomvethe) noMabhuti (Khenyeza). Ukuba khona kwabo eduze kwethu ngaso sonke isikhathi kusenza abadlali abangcono njalo.”

 ??  ?? MICHAEL MORTON
MICHAEL MORTON

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa