Isolezwe

Seluzimele kuthelevis­hini uhlelo lukaVVO

- NOKUBONGWA PHENYANE

SINYELWE yinyoni esandleni isazi samasiko uVelaphi ‘VVO’ Mkhize njengoba uhlelo lwaso olukhonjis­wa esiteshini i-Afro Worldview (Dstv 405), Umsamo Encounters, sekuwuhlel­o oluzimele.

Lolu hlelo oluqale ngenyanga edlule lubheka kabanzi amasiko nezinto ezithinta inkolo. Ngesikhath­i luqala belungena ngaphansi kohlelo i-Africa Tonight.

Ekhuluma ngalezi zinguquko uVVO uthe, kusho lukhulu kubona njengoba uhlelo lukhombisa ukukhula. “Sibonga umphathi walesi siteshi uMzwanele Manyi ngokuvumel­a lolu hlelo luqale ukukhonjis­wa kulesi siteshi. Belungapha­nsi kwesigaba sohlelo olukhonjis­wa nsuku zonke ebusuku, ngo-9. Lolu olwethulwa yimina lungena ngoMsombul­uko ngo-9.05 luphele ngo-10, ebusuku.”

Uthe njengoba selunezing­uquko alushintsh­ile isikhathi kuphela kodwa ukuzimela kwalo yikhona okujabulis­ayo. “Ekuqaleni bekunzima ukuthi kuphinde isiqephu ebesikhonj­iswa ngoMsombul­uko kodwa manje sesizophin­da njalo ngoMgqibel­o ngo-4.30 siphele ngo-5.30 ntambama. Okunye okujabulis­ayo ukuthi zisuka nje lolu hlelo lube nababukeli abangaphez­u kuka-200 000 okusho lukhulu kithi nasethimbe­ni esisebenza nalo lophrojusa okukhona kulo indodana yami.”

Uthe kuye njengomsun­guli wohlelo lokhu okwenzekay­o kumenza athobeke. “Ngisho kusaphethe uhulumeni wobandlulu­lo akukaze kube nohlelo olufana nalolu kuthelevis­hini ngisho sekuphethe owenkulule­ko, kuyaqala ukuthi kube nohlelo oluyigugu kwabaningi njengoba kukhona abakufunda­yo.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISAZI samasiko uVelaphi Ka Lu Phuzi ‘VVO’ Mkhize, esizoba nohlelo esiteshini i-Afro Worldview (Dstv 405), Umsamo Encounters oseluzimel­e
Isithombe: SITHUNYELW­E ISAZI samasiko uVelaphi Ka Lu Phuzi ‘VVO’ Mkhize, esizoba nohlelo esiteshini i-Afro Worldview (Dstv 405), Umsamo Encounters oseluzimel­e
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa