Bavale amasango esikole ngodaba lukathishanhloko
LUQALWE ngezinkinga usuku lokuvulwa kwezikole izolo esikoleni samabanga aphezulu eMlaza abazali bekhala ngesikhala sikathishanhloko esingavaliwe.
Abazali base-Okumhlophe Secondary bathi sekuphele unyaka isikole singenaye uthishanhloko osekwenze sangalawuleka isikole. Kuthiwa uthishanhloko omdala wahamba ngenxa yezinye izinkinga. Izolo bavalele ngaphandle othisha nabafundi, bebhikisha esangweni. Kudingeke kubizwe amaphoyisa ukuzolawula isimo kwavulwa namasango.
Oyilungu lesigungu sabazali, uNksz Zodwa Njapha, uthe sebekhathele ukubanjiswa udonga ngodaba lokuqashwa kukathishanhloko. Uthe akukho okulungayo njengoba inhloko yesikole ingekho izingane nothisha bazenzela umathanda.
“Umuntu obambile esikhundleni isikole siyamhlula. Abafundi babhema insangu udede nothisha abafundisi. Ngisaba nokuyibheka imiphumela yokuphasa ngendlela okubheda ngayo. Kukaningi sibhalela umnyango sibuza ngodaba lokuqashwa kukathishanhloko. Ngaphambi kokuvalwa kwezikole sabhala incwadi sicela impendulo ngalolu daba yingakho sinqume ukuvala amasango,” kuchaza uNksz Njapha.
Uthe wayekhona kuhlungwa abafake isicelo sesikhundla sikathishanhloko kodwa akazi ukuthi yini ebambile ukuthi aqashwe. Usola ukuthi kukhona abangeneme ngalona owaphumelela kwinhlolokhono ngoba sebezwa amahlebezi okuthi kumele kuqalwe phansi inhlolokhono.
“Asifune lutho oluningi kodwa sifuna kuqashwe uthishanhloko ukuze isikole sibuyele esimeni,” kusho uNksz Njapha.
Isolezwe lifike abazali benomhlangano obekukhona kuwo nenkosi uNathi Maphumulo onguSihlalo weMbumbulu Education Forum, othisha bethamele ilanga. Bekusagade amaphoyisa esangweni. UMaphumulo uthe uthole ucingo ekuseni elungiselela omunye umhlangano.
“Ngiyalwazi udaba lwesikole futhi sengike ngakhuluma nenhloko yomnyango wezemfundo. Sasikhuluma ukuthi akulungiswe indaba yokuqashwa kukathishanhlolo ukuze kungaphazamiseki ukufunda. Kuyadabukisa uma usuku lokuvulwa kwezikole luqalwa ngetoyitoyi ngenxa yezinkinga ezingalungisiswe,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe abazali bayayazi imigudu okumele bayilandele uma kunokunganeliseki ngokuthize.
“Siyazi abazali banelungelo lokubhikisha kodwa abanalo elokuvala isikole kuphazamiseke nokufunda. Ngeke siphawule ngamahlebezi odabeni lukathishanhloko kodwa uma benezinsolo ngalesi sikhundla mabalethe ubufakazi,” kusho yena.
Izolo ikomiti lezemfundo eSishayamthetho belinomhlangano ukudingida eThekwini ukubheka izikole ezinenkinga esifundeni.