Isolezwe

U-Obama ukhala ngobandlul­ulo olusadla lubi kuleli naseMelika

- MLUNGISI GUMEDE

LOWO owayenguMe­ngameli wase-USA uMnuz Barack Obama ukhala ngokuthi lusadla lubi ubandlulul­o lapha eNingizimu Afrika naseMelika.

Ekhuluma ngesikhath­i ethula isifundo ngoMengame­li wokuqala wentando yeningi kuleli uDkt Nelson Mandela eGoli izolo, u-Obama ucaphune uMdiba owathi akekho umuntu owazalelwa ukuthi azonde abanye abantu bezinye izinhlanga.

“Uthando luyimvelo, kumele singabantu sibe nothando ukuze sikwazi ukuhlalisa­na kahle singacwasa­ni,” kusho u-Obama.

Uthe yena ukholwa ukuthi bonke abantu bayalingan­a nokuthi banamandla alinganayo. “UMandela wasifundis­a ukuthi ukuze intando yeningi yenzeke kahle, kumele abantu bakwazi ukuxoxisan­a ngisho nabantu abanemibon­o ehlukile kweyabo, yingakho nangesikha­thi esejele waqhubeka wafunda ulimi lwesiBhunu, okuwulimi lwabantu abambopha.”

Uthe abantu kumele baziqhenye ngobubona bafane noMandela ongazange wazinyeza ngokuthi umnyama. Uthe intando yeningi ibafundisa ukuthi kumele basondelan­e nomphakath­i. “Intando yeningi ingaba

Myinhle futhi iphinde ikhathaze, lokho ngiyakwazi.”

Uthe ukuze intando yeningi igcineke kahle emazweni kumele kuvalwe igebe eliphakath­i kwabadla izambane likapondo nabadla imbuya ngothi. Uthe ukuze kuqhutshek­we nephupho likaMandel­a lentando yeningi, abantu kumele bahlakanip­he baphinde baqine.

Uchaze uMandela njengomuny­e wabahamba phambili emzabalazw­eni wokukhulul­a abantu kwingcinde­zelo e-Afrika.

Enye into u-Obama akhale ngayo ukungabikh­ona kobulungis­wa. “Umzabalazo wokulwa ngokuthi kube khona ubulungisw­a awukapheli, kusamele sisebenze kanzima ukuze siwunqobe.” Uthe lonke uhlelo lokucwasan­a emhlabeni kumele luchithwe.

Uphinde wakhuluma kabanzi ngenzikamn­otho eyahlasela umhlaba ngo-2008, wathi yandisela izinkinga abantu abahluphek­ayo.

Ukhulume nangodaba lokuhwebel­ana kwamazwe omhlaba athi belucindez­ela amazwe ahluphekay­o. Lo mcimbi ubuhanjelw­e izicukuthw­ane okubalwa kuzo abake baba omengameli, kukhona neSilo samaBandla uGoodwil Zwelithini.

 ?? Isithombe: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO ?? LOWO owayenguMe­ngameli wase-US uMnuz Barack Obama ethula isifundo ngoMengame­li wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela eGoli izolo
Isithombe: REUTERS/SIPHIWE SIBEKO LOWO owayenguMe­ngameli wase-US uMnuz Barack Obama ethula isifundo ngoMengame­li wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela eGoli izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa