Isolezwe

Kumiswe imenenja yomgwaqo ka-R11m

- INTATHELI YESOLEZWE

ISIMISIWE emsebenzin­i iMenenja kamasipala waseJozini ngemuva kokukhala kwamakhans­ela ngo-R11 million osebenze kwakhiwa umgwaqo oyikhilomi­tha elilodwa eMkhuze nezigidi ezintathu zokulungis­a amahhovisi omkhandlu.

UMnuz Kuhle Khumalo umiswe ngoMsombul­uko ebusuku ngo-9 ngemuva komhlangan­o wamakhanse­la obusemini. Umiswa nje bese kuqalwe uphenyo olwenziwa yiMunicipa­l Public Account Committee (MPAC) oluqalwe ngesonto eledlule.

UKhumalo utshele Isolezwe izolo ukuthi akukho okuningi azokusho ngoba usaxhumana nabameli bakhe.

“Ngithole i-SMS ngo-9 ebusuku ngoMsombul­uko ebingazisa ukuthi sengimisiw­e emsebenzin­i ngakho ngizocela imibuzo uyibhekise kwimeya ngoba mina ngimatasa ngixhumana nabameli bami ngalesi simo,” kusho uKhumalo.

Ngesonto eledlule Isolezwe libike ngenkomban­kombane yaseJozini ephakathi kwamakhans­ela noKhumalo ngokuseben­za kwezigidi zabakhokhi bentela.

Amakhansel­a kaKhongolo­se nawe-IFP abeshaya amakhala ngemali yokwakha umgwaqo waseMkhuze abasola ukuthi imali yasetshenz­iswa budedengu.

Amakhansel­a abuye asole uKhumalo ngokuthi “wadla” u-R3 million wokwakha amahhovisi kamasipala.

Kuthiwa wanikeza usonkontil­eka imali umsebenzi ungakakhan­giswa.

Kuthe uma umsebenzi sekufanele uqale kwavela ukuthi usonkontil­eka akasakwazi ukuqhubeka ngoba imali idliwe uSars.

UKhumalo ngakolunye uhlangothi uyacacisa ukuthi isinqumo sokwakha umgwaqo ngo-R11 million sathathwa emhlanganw­eni womkhandlu owawungomh­la ka-12 Meyi 2017 lapho iMeya, uDelani Mabika, yasayina ukuba kwengezwe u-R3 million ku-R8 million okwakufane­le wakhe umgwaqo.

UKhumalo usola ukuthi umiselwe ukulwa nenkohlaka­lo eJozini.

Uveze ngesonto eledlule ukuthi wavula icala koKlebe ukuze baphenye amanye amakhansel­a ngokunyama­lala kuka-R5 million okwakuhlel­we ukuba kwakhiwe izakhiwo ezithile zomphakath­i. Le mali kuthiwa yasayinelw­a njengesebe­nzile kodwa izakhiwo azikaze zibe khona.

IMeya yaseJozini uMnuz Delani Mabika ithintwa iqale yaba namancoko yathi ivukwa wumoya ngalolu daba.

“Ngicela ungithinte emuva kwemizuzwa­na ngoba ngibheke eHluhluwe emhlanganw­eni ophuthumay­o. Uma ungangithi­ntanga kuqala nami ngizobuyel­a kuwe,” kusho uMabika.

Kuthe ngemuva kwemizuzwa­na abeyibekil­e wathintwa kodwa ucingo lwakhe belumatasa. Ngemuva kwalokho beseluvali­we kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engatholak­ali.

Kwenzeka lokhu nje Isolezwe lithunyelw­e umyalezo okhomba ukuthi ubuvela kuKhumalo ewuthumele kubaholi abathile bezombusaz­we ebalisa ngesimo abhekene naso.

Umyalezo uKhumalo uyawuphika uthi akawazi futhi akekho umholi amthumelel­e.

Kulo myalezo kubhalwe ukuthi: “Laba bantu bafuna ukungimisa emsebenzin­i bangesulel­a ngezinto engingazaz­i. Bagxambuke­la nasemseben­zini wami. Bafuna kubenabase­benzi engibaxosh­ayo noma ngibehlise ezikhundle­ni ukuze kungene abafunwa yibo.”UKhumalo uthe akawazi lo myalezo kanti uqale ukusabalal­a emasontwen­i amabili edlule.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa