Isolezwe

Umasipala nesicelo emakhasime­ndeni

- INTATHELI YESOLEZWE

UMASIPALA weTheku sewunxuse amakhasime­nde awo ukuthi abhalise ohlelweni oluzosiza ekutheni athole izincwadi zezikwelet­u nge-internet njengoba kunezinkin­ga eposini.

Bathe lokhu kungenxa yokuthi banenkinga yokuhambis­a izincwadi kumakhasim­ende abo ngenxa yesiteleka esiqhubeka­yo eposini.

UNksz Khanyi Gama oyiphini lenhloko lezindaba ezithinta amakhasime­nde uthe bayakuqond­a ukuthi kunamakhas­imende angazithol­ile izincwadi zawo. “Sisebenzis­a iposi ukuze sithumelel­e amakhasime­nde ethu izincwadi. Siyazi ukuthi kukhona amakhasime­nde angazithol­ile izincwadi futhi siyawanxus­a ukuthi abhalise ohlelweni lwethu olwaziwa nge-e-Service ngoba luyashesha, futhi lusebenza ngendlela, aludingi namaphepha,” kusho uNksz Gama.

Uthe amakhasime­nde angathinta umasipala uma efuna ukuthola izincwadi zawo ezicacisa ngokuthi kufanele akhokhe malini uma zikhokhela amanzi nezinye izidingong­qangi.

UNksz Nobuhle Njapha weSouth African Post Office uthe ukulethwa kwezincwad­i zezikwelet­u zamanzi nezinye izidingo-ngqangi ezihlinzek­wa umasipala kuzothatha isikhathi ngenxa yesiteleka esiqhubeka­yo eposini. Uxolisile emalungwin­i omphakathi aphazanyis­we yisiteleka.

UNksz Njapha uqhube wathi izincwadi zihleli ezikhangis­weni zabo ezahlukene futhi kuzothatha izinsuku ezingu-20 ukuze zihlungwe ngendlela.

Amalungu omphakathi afuna ukubhalise­la uhlelo lwe-e-Service angabhalis­a ku: https://eservices. durban.gov.za/v2/ noma athumele imibuzo ku: http://correspond­ence. durban.gov.za:200/

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa