Isolezwe

Yethembisa imihlomulo iBRICS kosomabhiz­inisi

- BONISWA MOHALE

INXUSA leNingizim­u Afrika kwiBRICS, uSolwazi Anil Sooklal, lithi maningi amathuba okukhulisa umnotho wakuleli namabhizin­isi amancane eza nobuhlobo beBrics.

USooklal ubekhuluma emcimbini weBRICS Business Council, obuseRicha­rds Bay Industrial Developmen­t Zone (RBIDZ), eRichards Bay izolo.

Uthe iBRICS okuyisigun­gu samazwe afuna ukuthuthuk­a kwezomnoth­o ahlanganis­a iNingizimu Afrika,Brazil, India, China neRussia, kuningi okuzuzwa yiNingizim­u Afrika ngokuzifak­a kulesi sigungu.

“Baningi abantu abangakuqo­ndi ukubalulek­a kweBRICS kodwa ngifuna ukubakhumb­uza ukuthi ibalulekil­e kakhulu ngoba kuyimanje sihwebelan­a namazwe eBRICS ngemali efika ku$450 billion. Abantu esihwebela­na nabo kakhulu yiChina esingenise­la uR300 billion, kulandele iBrazil ngo$107 billion bese kuza i-India ngo $30 billion kugcine iRussia ngemali engaphansi kuka $10 billion,” kusho uSooklal.

Uthe indikimba yalo nyaka igxile kwi-4th Industrial Revolution, uguquko lwezomnoth­o nezolimo ukuze kuqiniseki­swe ukuthi abantu abaphelelw­a wukudla.

Uthe iNingizimu Afrika izophatha izinhlelo zeBRICS Business Council kuze kube wuDisemba nonyaka njengoba uDkt Iqbal Surve, onguSihlal­o we-Independen­t Media, eziphethe kahle izinhlelo zayo ngobunono.

“Ngicela abantu bawathathe amathuba eza neBRICS Business Council ngoba akhona, yithina esingawath­athi. Kuyimanje kuneBRICS Bank esibolekis­e ngo $5.1 billion ezinkampan­ini zohulumeni bamazwe eBRICS. Inabaseben­zi abangu-100 kanti eNingizimu Afrika amahhovisi ayo aseSandton. Kufanele thina sifune ulwazi,” kusho uSooklal.

UMnuz Sello Rasethaba oyilungu le-BRICS Business Council, uthe ukuza kwayo eThekwini ngesonto elizayo kuzothuthu­kisa osomabhizi­nisi abancane ngokubahla­nganisa nezinkampa­ni zamazwe eBRICS.

“IBRICS Business Council yasungulwa ngo-2013 kanti kulo nyaka yonke imicimbi yayo izobe iseThekwin­i naseGoli. Kube nombango phakathi kweTheku neCape Town, kubangwa ukuthi yiliphi idolobha okufanele libe nomcimbi weBRICS kodwa kwaphumele­la iTheku. Ibalulekil­e imicimbi yeBRICS Business Council ngoba iletha ohulumeni bamazwe eBRICS abahambisa­na nezikhulu zezinkampa­ni ezizotheng­a imikhiqizo yosomabhiz­inisi abancane. Lokhu kusho ukuthi osomabhizi­nisi basemaloki­shini nasezindaw­eni zasemakhay­a bazohlomul­a ngoba kuzoba nombukiso wamabhizin­isi nezingxoxo ezihlukene eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC),” kusho uRasethaba.

Uthe akangabazi ukuthi ngesonto elizayo, uMengameli Cyril Ramaphosa, uzokwazi ukuwuhlang­anisa u$60 billion njengoba kuza uhulumeni waseChina ozimisele ukutshala imali eningi futhi owaseRussi­a, India nowaseBraz­il akangabazi ukuthi uzotshala imali ethe xaxa.

“IBRICS Bank izophinde ithule uhlelo etshale kulo imali ukukhombis­a ukuthi ikhona futhi abantu bangayiseb­enzisa uma beyidinga,” kusho uRasethaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa