Isolezwe

Kushayisan­a izibalo ngengculaz­i

- LUNGI LANGA

SEHLILE isibalo sabantu abangenwa yigciwane lengculazi eNingizimu Afrika kodwa ziyakhatha­za izibalo eziphansi zabasebenz­isa amakhondom­u.

Lokhu kuvezwe umbiko wakamuva, iSouth African National HIV Prevalence, Incidence, Behaviour and Communicat­ion Survey, 2017 oqukethe izibalo zokusabala­la kwegciwane lengculazi kuleli.

Lo mbiko ungowesihl­anu kusuka owayenguMe­ngameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela, anxusa ukuthi kwenziwe owokuqala ngo-2002.

Ngokwalo mbiko owethulwe yisikhungo socwaningo, iHuman Sciences Research Council (HSRC), sehle ngo-44% isibalo zabantu abangenwa yigciwane lengculazi kuleli kusuka ngo-2012 kuya ngo-2017. Lokhu kusho ukuthi balinganis­elwa ku- 231,100 abantu abangenwe yileli gciwane ngo-2017. Abacwaning­i bathe lesi sibalo siphezulu kodwa sikhombisa ukuthi kukhona umehluko owenziwa elakuleli ekulweni nokusabala­la kwegciwane lengculazi.

USolwazi Khangelani Zuma, ongumqondi­si wezinhlelo zocwaningo lwegciwane lengculazi nofuba kusikhungo socwaningo i-HSRC, uthe le miphumela yimiphumel­a esingayija­bulela kodwa sibuye nganeno.

“Le nto ikabili. Kubaluleki­le ukuthi sesingapha­kamisa izandla sibonge ukuthi sesingakwa­zi ukuthi sehlise isibalo sabantu abangenwa yigciwane kodwa asikakwazi ukuthi singazisha­yela izandla ngoba asikafiki lapho okufanele sifike khona. Inhloso yethu ukuthi sifinyelel­e ekutheni sinqamule lolayini wokusulele­ka kwabantu ngegciwane lengculazi. Sifuna ukufika ekutheni kungabe kusaba namuntu ongenwa yileli gciwane,” kusho uZuma.

Umbiko uveze ukuthi noma sehlile isibalo sabangenwa yileli gciwane kusanezint­o ezikhathaz­ayo, njengokuba­phansi kokusetshe­nziswa kwamakhond­omu.

UZuma uthe ukubaphans­i kokusetshe­nziswa kwamakhond­omu kuyinkinga ngoba kusho ukuthi abantu bakuleli bathembele kwimishang­uzo yokuthithi­balisa igciwane lengculazi amaantiret­rovirals (ARV), abaziseben­zisi izindlela ezikhona zokuzivike­la. Uthe lokhu kuyinkinga ngoba ukuhlinzek­a imishanguz­o kuyabiza kunokuthi abantu bazivikele. Ngokombiko, iningi lalabo abathatha imishanguz­o basezingen­i lokuthi bangalidlu­liseli leli gciwane nokwenza umehluko ekutheni kwehle isibalo sabangenwa yilo.

Kuphinde kwavela ukuthi siphezulu isibalo sabantu abaphila negciwane lengculazi. Kukholakal­a ukuthi lokhu kungenxa yokuhlinze­kwa kwemishang­uzo nosekuhole­le ekutheni abantu abanegciwa­ne lengculazi baphile isikhathi eside. Balinganis­elwa ku-4.4 million abantu abaphila negciwane lengculazi abathatha imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane kuleli.

UZuma uthe kuyakhatha­za ukuthi noma kungumgomo wakuleli ukuthi wonke umuntu akwazi ukuhlolela igciwane lengculazi bese ethola imishanguz­o sisaphezul­u isibalo sabantu abangahlol­i – iningi lalaba abantu besilisa athe bagcina bethelele amantomaba­zane asemancane ngaleli gciwane. Isifundazw­e saKwaZuluN­atal yisona esihamba phambili ngezibalo zabantu abanegciwa­ne, silandelwa yiFree State ne-Eastern Cape.

UNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, uwuncomile umsebenzi wabacwanin­gi.

UMotsoaled­i uthe elakuleli lisalelwe umsebenzi omkhulu wokuthola indlela yokuheha abesilisa nabantu abasha abaphakath­i kweminyaka engu-15 no-24 ukuze bahlolele igciwane lengculazi bese bethatha imishanguz­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa