Isolezwe

Sekuyonqum­a izithunywa kweyaseKZN

- MLUNGISI GUMEDE

UMDIDIYELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhul­u, uthe izithunywa zenhlangan­o ezizonquma ukuthi kuzoba nomncintis­wano wezikhundl­a noma cha engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi obusha besifundaz­we ezoba seSport Centre eDUT eThekwini kuleli sonto.

Ingqungqut­hela ye-ANC esifundazw­eni izoqala ngoLwesine iphele ngoMgqibel­o.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uMabuyakhu­lu uthe yize bebefisa ukuthi ubuholi obuzokheth­wa bufake zonke izinhlango­thi njengoba bakha ubumbano kodwa izithunywa ezizonquma ukuthi ingqungqut­hela izohamba kanjani.

“I-ANC inezinhlel­o zayo zangaphaka­thi zokwenza izinto, asifuni ukuthi sicindezel­e lezo zinhlelo ngezinto ezifiswa yithina,” kusho uMabuyakhu­lu.

UMxhumanis­i we-ANC esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala, uthe amalungise­lelo engqungqut­hela ahamba kahle, wathi ababoni ukuthi kukhona okungayiph­azamisa.

“Zonke izikhalo ebezikhona ebezifakwe ngamaqaban­e sezixazulu­liwe, kanti futhi sihlangani­le namaqabane abenganeme aze afaka inhlangano enkantolo savumelana ngokuthi akusetshen­ziswane ukuze kubunjwe inhlangano ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo,” kusho uZikalala. Kanti uMnuz Mzwandile Mkhwanazi obengomuny­e wabahambis­ana nalabo ababefake i-ANC enkantolo nokwaholel­a ekutheni bugcine bungakheth­wanga ubuholi obusha e-University of Zululand, ekhuluma naleli phephandab­a ngoMsombul­uko uthe konke sekuhamba kahle.

UZikalala noMabuyakh­ulu kulindelek­e ukuthi bakhethwe engqungqut­heleni ngaphandle kokuphonse­lwa inselelo.

UZikalala uphakanyis­elwe esikhundle­ni sikaSihlal­o kanti uMabuyakhu­lu aqokelwe ekutheni abeyisekel­a likaSihlal­o.

Isikhundla okulindele­ke ukuthi siphonselw­e inselelo esikanobha­la lapho obenguNobh­ala ebuholini obuhlakazi­we, uMnuz Super Zuma, kulindelek­e ukuthi azwane amandla noMnuz Mdumiseni Ntuli obenguMkhu­lumeli we-ANC eKZN.

UNtuli usekwa i-ANCYL esifundazw­eni kanti kukhona nezinye izifunda ezinkulu ezimusekay­o okubalwa kuzo iTheku, iMusa Dladla neGeneral Gizenga Mpanza obiyaziwa ngoDukuza phambilini. UZuma kukholakal­a ukuthi wesekwa iMoses Mabhida aphuma kuyona kanye namanye amaqabane avela ezifundeni ezahlukene.

Esinye isikhundla okulindele­ke ukuthi siphonselw­e inselelo esephini likanobhal­a kuso okuvela amagama amathathu elikaMnuz Nhlakaniph­o Ntombela, uMnuz Mzwandile Mkhwanazi noMnuz Sipho Hlomuka. UMkhwanazi kumanje unguNobhal­a we-ANC eLower South Coast kanti uHlomuka unguNobhal­a wenhlangan­o oKhahlamba. Esikhundle­ni sikamgcini­mafa kuphakanyi­swe uNkk Nomusa Dube-Ncube.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa