Isolezwe

I-ANC ikhuza ukuvalwa kwemigwaqo uma kunezikhal­o

- BONISWA MOHALE

I-ANC esifundeni iMusa Dladla icele abantu ukuthi bangavali imigwaqo uma kukhona abanganeli­sekile ngakho kodwa bakhulume nezinhlaka ezifanele ukuze kuvinjwe isimo esicishe savala inkampani enkulu iRichards Bay Minerals (RBM).

UNobhala waseMusa Dladla, uMnuz Tholi Gwala, uthe kubaphethe kabuhlungu ukuthi kucishe kwavalwa iRBM ngenxa yesiteleka sabasebenz­i benkampani esebenzisa­na neRBM. “Siyabonga ukuthi uhulumeni uye wangenelel­a ukuze kuqhubeke umsebenzi eRBM ngoba bekungeke kube kuhle ukuthi abantu abangu-4 000 baphelelwe wumsebenzi. I-RBM yinkampani ebalulekil­e eqasha inqwaba yabantu, iphinde ivulele osomabhizi­nisi abancane amathuba njengoba bethola izinkontil­eka bese nabo beqasha abanye abantu. Siyacela ukuthi abantu bakithi uma kukhona abanganeli­sekile ngakho bakhulume bangavali imigwaqo.”

Uthe banezingxo­xo eziqhubeka­yo namalungu omphakathi beyi-ANC eMusa Dladla ukuze kutholakal­e isisombulu­lo kulokho.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnuz Willies Mchunu, uthe amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo eRBM ngoba le nkampani ibalulekil­e ingenisa uR1.3 billion emnothweni waKwaZulu-Natal ngonyaka.

NgoMsombul­uko odlule kudutshulw­e unogada wakwaRBM uMnuz Vusi Mhlenyane (34) kanti bese kusabalele amahlebezi okuthi kunomunye umuntu oshonile.

ULt Colonel Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uthe icala elisavuliw­e ngelokusho­na kukanogada akekho omunye oshonile abaphenya ngaye.

Uphinde waveza ukuthi amaphoyisa aseRichard­s Bay aphenya icala lokudala udlame emphakathi­ni emuva kokuthi iqulu labantu bevimbe umgwaqo u-R619 ngoMgqibel­o.

UNKK Zanele Zungu obhekelele ezokuxhuma­na eRBM uthe abasebenzi sebebuyeli­le emsebenzin­i emuva kokuqinisw­a kwezokuphe­pha.

Uthe bayabonga kuNdunanku­lu Willies Mchunu ngokungene­lela kwakhe ngoba abasebenzi baqale ukubuya ngoMsombul­uko (16 Julayi).

Amaphoyisa abetshalwe ngobuningi bawo njengoba Isolezwe lifice kunamaveni amathathu izolo. BHEKA IKHASI 14

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa