Isolezwe

Usezile ucansi iminyaka eyisithuph­a

- ZANELE MTHETHWA

KUYISITAYE­LA kwabanye ukuzithath­ela isinqumo sokungayi ocansini, iningi labo okungabesi­fazane abathi abazihlang­anisi nendoda. Yize lokhu kujwayelek­e kwabakholw­ayo, ukungayi ocansini okubizwa ngecelibac­y ngomunye umkhuba osujoyinwe ngisho abangasind­isiwe. Umuntu ozibopheze­la kulo mkhuba ubizwa nge-celibate ngoba usuke ezinqumele ukuthi ngeke aye ocansini.

UNksz Amanda Ndiki obizwa ngeQueen of Celibacy njengoba eseneminya­ka eyisithuph­a engayi ocansini, uthe akaluhalel­i nhlobo ucansi noma indoda.

UNksz Ndiki (38) obuye abe ngumvangel­i, uthe ukuba yi-celibate akuhlangen­e kuphela nenkolo kodwa yisinqumo somuntu. Encwadini yakhe ethi Stepping Into Your True Self, uyachaza ngalesi sinqumo sakhe.

Uthe isikhathi esiningi umuntu usuke efuna ukuzithola ukuthi yini emjabulisa­yo, azinike isikhathi ngokuzazi kabanzi. Yize abanye bethi lo mkhuba ngowabesif­azane, uthe bakhona nabesilisa abazinqume­la ukuba ngama-celibate.

“Kwesinye isikhathi senza izinto ngoba nakhu abanye bezenza njengakho ukuya ocansini. Ngokwabant­u uma ujola kumele uye ocansini kanti akumele kube njalo. Uma uzikhethel­a ukungayi ocansini usuke ufuna ukukhombis­a ukuthi awulawulwa yimizwa yakho. Abanye baya ocansini ngisho bengathand­i kodwa ngoba kumele kwenzeke,” echaza.

Uveze ukuthi ukuzithath­ela isinqumo sokungayi ocansini usuke ugwema ukugcina ulala nabantu abaningi ngoba kuyenzeka ubudlelwan­o buphele, udlulele phambili. Uthe ukulala nomuntu kwenza unamathele kuye ngokomoya, yingakho abanye bekhetha ukungayi nhlobo ocansini.

Ezinye izizathu athe zenza abanye bathathe lesi sinqumo, ukuthi basuke befuna ukuphola uma kungahamba­nga kahle ebudlelwan­eni bezothando.

UNksz Ndiki ucacise ngokuthi kwehlukene ukuzithiba ocansini okubizwa nge-abstinence nesinqumo sokuba yi-celibate.

“Ungakwazi ukuzithiba ocansini kodwa usebenzise ezinye izindlela zokujabuli­sa imizwa yakho. Uma uyi-celibate awuzijabul­isi ngalutho kodwa ugwema konke okuhambisa­na nocansi. Uma uzithiba usuke uzibekele isikhathi esithize kodwa kwi-celibacy kuyenzeka uzibekele lesi sinqumo ingunaphak­ade,” kusho yena.

UNksz Ndiki oke washada wabuye wahlukanis­a, uyavuma ukuthi akulula kulesi sinqumo. Uthe uma usaqala ukusithath­a kungcono ungajoli nhlobo ukuze ugweme izilingo. Yize abanye abangamace­libate bejola, yena uthe akajoli nhlobo futhi akanasizun­gu sendoda. Ukugwema izilingo uthe kubaluleki­le ukungabuki izinhlelo zethelevis­hini ezizovusa imizwa.

Owesifazan­e ocele ukungadalu­lwa, uthe wathatha lesi sinqumo eminyakeni emine edlule emuva kokuphoxek­a emshadweni. Uthe wayevele ezinqumele ukuthi uyolala nomuntu ayoshada naye kuphela . Kuthe uma behlukana naye wazinqumel­a ukuthi ngeke aphinde aye ocansini nenye indoda.

UNksz Zola Dudeni oyiPscycho­logist uthe ezinye izizathu ezidala abantu bathathe lesi sinqumo kubalwa ukudlwengu­lwa, ukulinda umshado nokuhlukum­ezeka ebudlelwan­eni. Uthe abanye basuke bengalutha­ndi ngokwemvel­o ucansi, athe babizwa ngama-asexuals.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? USEQEDE iminyaka eyisithuph­a engayazi indoda uNksz Amanda Ndiki obizwa ngeQueen of Celibacy, othi ukungayi ocansini yisinqumo somuntu esingancik­ile kuphela ekukholwen­i
Isithombe: FACEBOOK USEQEDE iminyaka eyisithuph­a engayazi indoda uNksz Amanda Ndiki obizwa ngeQueen of Celibacy, othi ukungayi ocansini yisinqumo somuntu esingancik­ile kuphela ekukholwen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa