Isolezwe

Akudliwa noma yini uma usuzolala

- ZANELE MTHETHWA

ONGOTI bezempilo bahlala bengakukhu­thazi ukudla ngaphambi kokulala kodwa kunezidlo okuthiwa akumele neze uzidle uma usuzolala. Lezi zidlo zingenza umonakalo emzimbeni nakwezempi­lo. Ngokombiko weHealth.com oshicilelw­e nakwi-website yakhona, ezinye izidlo kumele zingadliwa sekusele amahora amathathu ngaphambi kokulala. Nazi ezinye zazo:

Ice Cream Abanye abakholwa ukuthi maningi kanjani amafutha aku-ice cream. Uma uwudla bese uyalala umzimba ngeke ukwazi ukuwugaya kahle esiswini. Ushukela okulesi sidlo nawo awukwazi ukugayeka kodwa ugcina uhlangana namafutha kudaleke umonakalo.

Ikhofi Linezithak­o ezine-caffeine eningi. Uma uliphuza usuzolala kunzima ukuthi bufike ubuthongo. I-caffeine yenza ukuthi umzimba ube nomdlandla ngokweqile, bungafiki nhlobo ubuthongo. Liphuze engakashay­i u-3 ntambama uma ufuna ukulala kahle.

Pasta Inama-carbohydra­tes amaningi okungenza ukuthi wonke ashintshe abe ngamafutha emzimbeni. Ezinye izithako ezijwayele ukufakwa kwi-pasta okubalwa ushizi namafutha, zenza kwakheke kalula amafutha. Ungazithol­a ukhuluphal­a ngokushesh­a.

Uswidi noma ushokoledi Uma ungazimise­le ukulala ebusuku, yidla uswidi noma ushokoledi. Kunezithak­o eziningi ezinika umdlandla ezenza ungakwazi ukulala. Ukudla iqhezu likashokol­edi kungakwenz­a uqwashe amahora amaningi.

Garlic Liyaziwa ukuthi iphunga lika-garlic alibekezel­eleki. Uma uzodla ukudla okunawo usuzolala, mancane amathuba okuthi ugayeke kahle esiswini. Lokhu kungenza ukuthi emzimbeni bese iphunga liyasabala­la.

Iziphuzo ezihlohloz­ayo Ngaphandle kokuthi zinoshukel­a omningi, zinomunye umthelela omubi. Zine-acid eningi engakwenza ungalali kahle. Le acid inganyuka, ikubangele isilungule­la nokuhlohlo­za esifubeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa