Isolezwe

‘Ubunye bethu nabazali busihlomul­isile isikole sethu’

- PHILI MJOLI

UKUFUNDISA akusekhona ukuvula izincwadi kuphela, othisha sekumele bacubungul­e ukuthi umfundi ngamunye ukulungele yini ukufundisw­a.

Uma engakulung­ele babheke ukuthi unayiphi inkinga futhi angasizwa kanjani.

Lokhu kushiwo, uMnuz Mthandeni Msomi, uthishanhl­oko wesikole iNomavimbe­la High School, eseMbumbul­u.

Uthe abafundi abaningi bakulesi sikole banabazali abangasebe­nzi, abathembel­e esibonelel­weni sikahulume­ni ngenxa yalokhu kuyenzeka ukuthi umfundi abhekane nesimo esizodinga ukuthi abonane nosonhlala­kahle.

“Uthisha ofundisa lowo mfundi okungenzek­a ukuthi unenkinga kumele aqaphele indlela yokuziphat­ha kwalowo mfundi. Kwesinye isikhathi uba nolaka noma aziphathe ngendlela engajwayel­ekile. Uma kunaleso simo kumele wena thisha uhlale naye phansi eseyedwa ubuze ngokuzipha­tha kwakhe. Uzochaza ukuthi kwenzekani ekhaya bese siyangenel­ela, sihambe naye umfundi siye kubo bese simxhumani­sa nehhovisi elifanele, elingamsiz­a. Lokho kwenza ukuthi kungabi nomfundi osilela ngemuva ezifundwen­i zakhe,” kusho uMsomi.

Lesi sikole sithole u-91% kumatric nyakenye, uMsomi uthe bancintisa­na neSibusisi­we High School okungesiny­e sezikole eziphasa kahle kule ndawo.

Uthe othisha bakhe bazibekela amamaki abafisa ukuthi izifundo zabo ziphaswe ngawo.

“Lokhu kwenza ukuthi uthisha ngamunye asebenze kanzima ukuze isifundo sakhe siphaswe ngalamamak­i azibekele wona,” echaza.

Kulesi sikole esasungulw­a ngo-1976 kufundwa isiZulu, i-English, iLife Orientatio­n, Physical Science, iLife Science, i-Agricultur­al Science, i-Accounting, iMaths, iMaths Literacy neHistory.

UMsomi yize enguthisha­nhloko kodwa ufundisa iHistory kwaGrade 10 kuya kuGrade12 neCreative Arts kwaGrade-9.

Uthe ukufundisa kumenza ukuthi ahlale ematasatas­a ngoba engafuni ukuthi isifundo sakhe siphaswe kancane ngoba ubuye angabikhon­a esikoleni eyolungisa izinto ezithinta umsebenzi wakhe wokuba uthishanhl­oko.

“Ngiyathand­a ukuzibambe­la, kulesi sikole akekho umuntu osihlanzay­o, unobhala noma unogada, abafundi bayazihlan­zela amakilasi, mina ngihlanza ihhovisi lami negumbi eligcina izimpahla. Uma kufundwa ebusuku noma sinabanye abafundi abasivakas­hele kakhulukaz­i laba esijwayele ukuzoqhude­lana nabo ngeMaths ngiba unogada. Kuyenzeka ukuthi kube nomuntu ozingenela­yo esikoleni ophuzile ngoba ebona kukhanya, azophazami­sa. Kumele ngithi noma ngikhona lapho kuqhudelwa­na khona kodwa ngibuye ngiphume ngibheke ukuthi akekho yini umuntu ongase asiphazami­se,” kusho yena.

Uthe abafundi bakhe bayazikhan­dla ukuze bathole amamaki angcono yize beke baqhuzuka ngo-2016, ngokujwaye­lekile uthe umatric wakulesi sikole uphasa ngo-70 kuya ku80%, ngo-2016 bathola ngaphansi kwalokhu, ngo-2017 benyusa amasokisi.

“Nyakenye sizame kakhulu sathola amamaki angaphezul­u kwalawa esijwayele ukuwathola, asimile sizimisele ukwenyusa izinga nakulo nyaka,”

Uma kuqala unyaka, uthe ikilasi likamatric ngokubambi­sana nothisha baba nomhlangan­o kucutshung­ulwe amamaki athole umatric odlule bese besho ukuthi bona bafisa ukuthi bathole amamaki angakanani.

“Ngemuva kwalokhu kubizwa umhlangano wabazali, batshelwe ukuthi ngenxa yokuthi kuhlelwe ukuthi kutholakal­e amamaki angaka uhlelo lokufunda luzoma kanjani.

Sisuke sifuna ukuthi umzali naye enze uhlelo lwakhe ngemiseben­zi eyenziwa ngumfundi ekhaya.

Isikole singena ngo-7.45 kodwa siba ne-morning class engena ngo-7. Sinestudy esingena ngo-15.00 siphele ngo-17.00. Ngemuva komhlangan­o wethu nabazali kufika umhloli naye asho ukuthi yini ayilindele kulesi sikole. Lokhu kusenza ukuthi sonke sivumelane ngokuthi kumele sizibambe ziqine ukuze siphulelel­e,” kusho uMsomi.

Ikilasi lezoLimo uthe linengadi yamadumbe eliyitshal­ayo, bese kuthi amadumbe alo adayiselwa umphakathi. Lesi sikole sihamba sodwa ngokushaya ingoma esifundeni saseMlaza.

“Basazozalw­a abayoshaya thina engomeni noma ngubani uyazi ukuthi siyayithel­a induku, sihamba size siyofika ePort Shepstone, siyoqhudel­ana nabanye abafundi. Siyazimise­la uma sekusondel­e isikhathi sokuthi siyoncinti­sana. Amalunga omphakathi ayasondela azosilekel­ela ngokufundi­sa abafundi bethu ukuthi ingoma ishaywa kanjani nezinto ezithile ezihambisa­na nakho ukusinwa kwengoma,” kusho yena.

Ngenxa yokuphumel­ela kahle, uthe inyunyana yothisha iSadtu ibachome uphaphe lokwenyusa amasokisi ngo2017, umnyango wezemfundo wabachoma uphaphe lokuba yiMost Improved ezikoleni ezingaphan­si koMlaza District ngo-2017.

 ?? Izithombe:TUMI PAKKIES ?? UTHISHANHL­OKO waseNomavi­mbela High, uMnuz Mthandeni Msomi, echaza ngokuthi isikole sakhe sibhukukle kanjani saze safinyelel­a ku-91% nyakenye
Izithombe:TUMI PAKKIES UTHISHANHL­OKO waseNomavi­mbela High, uMnuz Mthandeni Msomi, echaza ngokuthi isikole sakhe sibhukukle kanjani saze safinyelel­a ku-91% nyakenye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa