Isolezwe

Uxakekile umndeni ngelungu okuthiwa lizilengis­ile esitokisin­i

- MCEBO MPUNGOSE

UFUNA izimpendul­o umndeni webhungu laseFairel­eigh, eNewcastle, elitholaka­le selishonil­e ekuseni ngoLwesihl­anu ngemuva kokuvalelw­a esitokisin­i samaphoyis­a aseNewcast­le.

Umndeni woMnuz Rodwin Martins (20) uthe awugculise­kile ngemininin­gwano oyithola emaphoyise­ni ethi wazibulala ngokuzilen­gisa ngosuku okwakumele avele ngalo enkantolo.

UMartins waboshwa ngoLwesith­athu esolwa ngokuphath­a isidakamiz­wa iwunga.

Unina kaMartins, uNkk Lotter Martins, obezwakala ukuthi lusamudla ngaphakath­i lolu daba, uthe ngesikhath­i beya emakhazeni ngemuva kokwaziswa ukuthi uzibulele bathola isidumbu sakhe sinomazisi nokhiye emaphaketh­eni ezimpahla ayezigqoki­le.

“Ngokwazi kwethu kazisali kumuntu oboshiwe lezi zinto uma engena esitokisin­i, zisala emaphoyise­ni. Nebhande okuthiwa wazilengis­a ngalo kuyisixaka ukuthi langena kanjani esitokisin­i ngoba nalo alivumelek­ile ngaphakath­i,” kusho uNkk Martins.

Uthe amaphoyisa abatshela ukuthi indodana yakhe yatholwa isishonile ngaphambi kwehora lesithupha ekuseni. Abantu ababili ayenabo esitokisin­i bathi abezwanga lutho ngoba babe lele, baze bavuswa amaphoyisa ekuseni.

“Abantu ababili ayenabo egumbini elincane bathi abazwanga lutho ngoba babelele kwaze kwabe bavuswa amaphoyisa ekuseni. Kunzima ukukholwa lokho ngoba ngeke ulale nomuntu ungezwa lutho ubusuku bonke ngendlela elincane ngayo igumbi abebekulo. Ngokwazi kwethu amaphoyisa iziboshwa azibheka ngawo wonke amahora, kungani baze bathola ekuseni ukuthi useshonile?” kusho uNkk Martins.

Uthe bazolindel­a umbiko wokuhlolwa kwesidumbu olindeleke ukuthi uphume namhlanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisek­isile lokhu wathi amaphoyisa avule idokodo ngokubulaw­a kwendoda (20). “Amaphoyisa aseNewcast­le ayaphenya ngemuva kokutholwa kwendoda izilengisi­le esitokisin­i.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa