Isolezwe

Ziphindela emgwaqweni izifundisw­a ezingaqash­iwe

- LUNGI LANGA

ZIHLELE ukuthi zibe nokhukhule­la-ngoqo wemashi izifundisw­a ezingayith­oli umsebenzi, ezikhala ngokuthi izikhalazo zazo azinakiwe.

Izifundisw­a ezivela ezifundazw­eni ezahlukene ezilethwe ukufunda kulesi sifundazwe, sezihlele ukuthi ziphinde zingene emgwaqweni ngoLwesihl­anu ngoba zikhala ngokuthi izikhalazo zazo azinakiwe.

Lokhu kulandela imashi yedlanzana lazo ebiyenziwe ngoJulayi 3 nonyaka lapho eziyise izikhalazo zazo ngokungaqa­shwa emuva kokufunda kuMasipala weTheku.

UMnuz Nkululeko Ndlovu (27), ongomunye wabahleli bale mashi, uthe abagculise­kile ngezimpend­ulo asebezitho­lile kuMasipala weTheku emuva kokuthi behambise uhla lwezikhala­zo zabo ekuqaleni kwale nyanga. Uthe babenike lo masipala amasonto amabili wokuthi uhambise uhlu lwezikhala­zo zabo kuminyango kahulumeni nakosomabh­izinisi abazimele.

“Sithe uma silandelel­a sathola ukuthi umasipala uthi awukaluliy­isi ndawo uhlu lwezikhala­zo zethu, okusho ukuthi lusaduve kuwona. Lokhu kuyasikhat­haza ngoba kusho ukuthi azinakiwe izindaba ezithinta thina siyintsha engawuthol­i umsebenzi yize sineziqu. Asinakiwe noma sesiphumel­e emgwaqweni sazwakalis­a izikhalazo zethu,” kusho uNdlovu.

Uthe sebebone ukuthi baphinde bagcwale umgwaqo. Ngokusho kwakhe, kulindelek­e ukuthi isibalo sithi ukwanda ngoLwesihl­anu ngoba ngesikhath­i benemashi ekuqaleni kwenyanga abanye babo babesemakh­aya njengoba bekuyisikh­athi samaholide.

UNdlovu, oneziqu ze-Accounting azithole esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-Mangosuthu University of Technology (MUT), usehlale iminyaka emine engaqashiw­e emuva kokuphothu­la izifundo zakhe.

Uthe ngaphambi kokuthi afunde waqale wafuna amatoho ngoba enzela ukuthola imali eyenele yokungena enyuvesi. Uthe baningi abanye abafana naye, abasebenze kanzima ukuze bafunde, okukhona kubo abasafunda manje nabangagci­na bezithola besenkinge­ni efanayo yokungawut­holi umsebenzi.

Ngesikhath­i beyothula izikhalazo kuMasipala weTheku, umeluleki weMeya, uMnuz Mlungisi Ntombela wathi abafundi benze okufanele ngokuletha izikhalazo zabo ngoba njengomkha­ndlu bayakwazi ukuzinyuse­la emazingeni afanele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa