Isolezwe

Umnyango unenge abantu ngomyalezo

- LUNGI LANGA

SEWUTHOLE ukugxekwa okukhulu uMnyango wezeMpilo, eLimpopo ngombhalo okhishwe yilo mnyango enkundleni yezokuxhum­ana ogxeka abashona ngenxa yegciwane lengculazi.

Lo mbhalo okhishwe yilo mnyango ngesonto eledlule enkundleni yezokuxhum­ana, uTwitter, ugxeke abantu abashona ngenxa yegciwane lengculazi, uthi bashona ngoba bethanda.

“Laba abashona ngenxa yegciwane lengculazi namuhla benza ngoba bethanda. Uhulumeni sewulethe izinhlelo ezahlukene zokuvikela nokuthithi­balisa igciwane lengcualaz­i,” kusho umbhalo.

Lokhu akwehlanga kahle kubantu abalandela lo mnyango kule nkundla njengoba bethe umbhalo wabo ukhombisa ukungabaca­bangeli abantu abanaleli gciwane.

UNobhala Jikelele wenhlangan­o elwela amalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi, iTreatment Action Campaign (TAC) kuzwelonke, Mnuz Anele Yawa uzwakalise ukucasuka ngalo mbhalo enkundleni yezokuxhum­ana uFacebook.

“Lo mbhalo awuphoxi kuphela abantu abaphila negciwane lengculazi eLimpopo naseNingiz­imu Afrika kodwa uphinde uphoxe abantu (abavela emazweni ahlukene) emhlabeni wonke. Singaphind­e sibathembe kanjani laba bantu?” kubuza uYawa.

Uthe lokhu okubhalwe ngumnyango kukhombisa ukuthi usola abantu ngokwanda kwezibalo zabantu abanegciwa­ne lengculazi.

UYawa uthe balinganis­elwa ku-8 million abantu abaphila negciwane lengculazi kuleli. Kulaba balinganis­elwa ku-4 million abathatha imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane. Uhhafu walabo abanegciwa­ne abayithath­i imishanguz­o. Uthe yingakho nabo begqugquze­la ukuthi wonke umuntu ayithole imishanguz­o.

Uthe kufanele lingenelel­e kulolu daba iPhini likaMengam­eli wakuleli, uMnuz David Mabuza ophinde abe ngusihlalo wesigungu esingamele izinhlelo zokulwa nokusabala­la kwegciwane lengculazi kuleli, iSouth African National Aids Council.

Namanye amalungu omphakathi azwakalise ukungenami ngokusatsh­alaliswa kwalo mbhalo njengoba bebhalile kuTwitter, bewugxeka. “Imishanguz­o iyodwa ayenele. Badinga ukwesekwa, singakhohl­wa ukudla okunempilo,” kusho uleesego@CMorosele7­h.

Umnyango wezeMpilo eLimpopo uphinde wathumela omunye umbiko kuTwitter uxolisa ngalesi sitatimend­e.

Okhulumela lo mnyango, uMnuz Neil Shikwamban­a, uthe umnyango awuhambisa­ni nalo mbhalo.

“Lo myalezo bekungafan­ele ukhishwe ngoba ubukhombis­a ukungazwel­ani nabantu. Bekufanele umyalezo ucacise ukuthi kukhulunyw­a ngabantu abangafuni ukuhlolela igciwane lengculazi nabangafun­i ukuthatha imishanguz­o. Bekufanele ugqugquzel­e abantu ukuthi bahlole bese bethatha imishanguz­o, ungagxeki,” kusho uShikwamba­na

UYawa uthe abasamukel­i isixoliso somnyango. Wakhala ngokuthi kwenzekenj­ani kwabathath­a isikhathi eside kangaka ukuthi babone ukuthi benze iphutha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa