Isolezwe

Ithemba lokwehla kwesibalo sababulawa yiMDR neXDR TB

- PHILI MJOLI

KUNETHEMBA lokuthi ikhambi lokwelapha isifo sofuba esingezwel­i emakhambin­i iMDR neXDR TB, iBedaquili­ne, eliqale ukusetshen­ziswa kule nyanga lizokwehli­sa isibalo seziguli ezibulawa yilesi sifo ngenxa yezinkinga ezidalwa yimithi ebisetshen­ziswa phambilini.

Lokhu kushiwo uDr Anja Reuter wophiko lwezifo ezingezwel­i (Drug Resistant), kwiDoctors Without Boarders (MSF), eKhayelish­a, eKapa.

UDkt Reuter uthe yize kunezihibe mayelana nokukhishw­a kwekhambi iBedaquili­ne, uMnyango wezeMpilo bawushayel­a ihlombe ngokuthath­a lesi sinyathelo.

UMnyango wezeMpilo uqale ekuqaleni kwenyanga ukukhipha ikhambi elisetshen­ziswa isikhathi esincane kunebesijw­ayelekile futhi elingasadi­ngi ukupheleze­lwa wumjovo.

Uthe uhlelo lwaphambil­ini lokwelapha isifo sofuba beluhlanga­nisa amakhambi amaningi wonke enobuthi bawo obebunemix­hantelamup­humela. Ngaphezu kwalokho belunomjov­o obuhlungu.

“Iziguli eziningi beziba nezinkinga zezinso nezinkinga zokuthi zingabe zisezwa ezindleben­i. Eziningi bezishona ngesikhath­i seziqale ukusebenzi­sa amakhambi ngenxa yezifo eziningi ezidalwa ubuthi bawo amadala. Sifisa ukuthi amanye amazwe ase-Afrika nawo abonele eNingizimu Afrika esihambisa­na nemigomo ebekwe yinhlangan­o yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisati­on,” kusho uDkt Reuter.

Uqhube wathi zilinganis­elwa ku-500 000 iziguli ezihlaselw­a yiMDR-TB emhlabeni ngonyaka kodwa ziyingcosa­na ezithola ithuba lokuthi zilashwe ngamakhamb­i asezingeni eliphezulu efana neBedaquil­ine.

UDkt Norbet Njeka woMnyango weMpilo uthe iBedaquili­ne isetshenzi­swe ezigulini ezingalaph­ekanga kade kusetshenz­iswa amakhambi abesetshen­ziselwa ukwelapha iMDR-TB kusukela ngo-2013. Lena bekuyindle­la yokubheka ukuthi isebenza kangakanan­i, obekwaziwa ngokuthi yiBedaquil­ine Clinical Access Programme (BCAP).

Imiphumela emihle yalolu hlelo uthe yiyo eyenze ukuthi umnyango uthathe isinqumo sokuthi kusetshenz­iswe iBedaquili­ne.

UDkt Yogan Pillay womnyango wezempilo kuzwelonke, uthe ngenxa yenkinga esekhona njengamanj­e yokuthi iBedaquili­ne ibiza kakhulu, bahlela ukuxoxa nezinkampa­ni eziyikhiqi­zayo ukuthi zehlise imali eziyidayis­a ngayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa