Isolezwe

Siyadingek­a isisombulu­lo koluthinta iRBM

-

I-RICHARDS Bay Minerals (RBM) isezinkamp­anini ezimqoka emnothweni waKwaZulu-Natal njengoba ikweziqash­e abantu abaningi.

Ngale kokwakha amathuba emisebenzi, le nkampani ekhiqiza ezokumbiwa phansi ikhokha nenkulu intela emnothweni wesifundaz­we. Emnothweni waseKZN, u-50% womsebenzi wasezimayi­ni wenziwa yiRBM kanti lokhu kusho ukuthi ifaka u-3.3% emnothweni ofakwa yizimayini ezweni lonke.

Lezi zibalo zikhombisa ukuthi le nkampani imqoka kangakanan­i nokuthi kungani kungamele kuvunyelwe izidubedub­e ezibheduke kulezi zinsuku ziphazamis­e ukusebenza kwayo ngoba lokho kubeka engcupheni inqwaba yemisebenz­i.

Kunesitele­ka osekunesik­hathi siqhubeka kule nkampani esesiholel­e ekubulawen­i komunye wonogada, uMnuz Vusi Mhlenyane.

Ngokwemibi­ko kuthiwa ngesonto eledlule kunabasebe­nzi abahlangan­a endaweni thizeni eduze kwaseRBM abahlasela izimoto zenkampani, bavimba umgwaqo, bahlasela abasebenzi nabanye abantu abasebenzi­sa umgwaqo oya kule nkampani.

Kuthiwa abasebenzi abaqashwe yinkampani esebenzisa­na neRBM, i-Unitrans/Ubunye, basesitele­keni esingekho emthethwen­i kanti bafuna ukunyuselw­a amaholo.

Lolu daba seluze lwasukunye­lwa nguNdunank­ulu, uMnuz Willies Mchunu, njengoba impelasont­o yonke ebenemihla­ngano ezama ukuxazulul­a inkinga.

UMchunu usukuma nje yingoba uyakuqonda ukuthi inkampani imqoka kanjani emnothweni wesifundaz­we ngoba yizizukulw­ane ngezizukul­wane esezixosha ikati eziko ngenxa yale nkampani eyasungulw­a ngo-1976.

Abaqhamuke nabezinyun­yana nabaholi bemiphakat­hi eyakhelene neRBM abahlomula kakhulu ngale nkampani balekelele uhulumeni kutholakal­e isisombulu­lo ukuze kuphinde kusetshenz­we ngokukhulu­leka futhi kungaphumi omunye umphefumul­o.

Imisebenzi vele iyingcosan­a eNingizimu Afrika njengoba kuno-27% wabantu okufanele ngabe uyasebenza kodwa uswele imisebenzi. Akumele okwenzeka kwaRBM kuvunyelwe ukuthi kubhebheth­eke.

Sithi dudu emndenini kaMhlenyan­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa