Isolezwe

Kujabulisa izitha okwenzeka ebholeni

-

MHLELI: Akwaziwa mbantshi kujiya nokuthi iyiphi eyovuma ukugoba uphondo phakathi kweAjax Cape Town nePremier Soccer League ngodaba oluyimpica­badala phakathi kwabo. Mina sengithand­a ukulahleke­lwa yithemba nokuyihlon­ipha le nhlangano eholwa uDkt Irvin Khoza.

Engikubona­yo ngePSL wukungafun­i ukubuyela nganeno ivume ubudedengu bayo ukuze kuqhutshek­we nezinhlelo zokuqala kwesizini okumele iqale maduze. Ukudlulisa isinqumo sesincomo sikamehlul­eli uDenise Fischer kuyizinkom­ba zempakamo kobaba uKhoza nethimba lakhe. Kucacela nengane esakhasa ukuthi akukho okufundwe yiPSL ngendaba yokudlalis­a imidlalo yokuhlunge­la ukungena kwiPSL nokuvikela izembe phezu kokuba kunecala ebelisenka­ntolo, nokuholele ekutheni ichithwe ithathwe njengento engekho imiphumela eyawelisa i-Leopards emadlelwen­i aluhlaza. Ezakamuva zibika ukuthi iPSL izosidluli­sa isinqumo sikaFische­r kodwa ithe imidlalo yokuqala kwesizini entsha izoqhubeka njengoba bekuhleliw­e. Lokho kungenza ngibone ucadolo nolwembu lusingethe izikhulu eziphezulu ezithatha izinqumo ezingafund­i emaphuthen­i eziwenzile.

Lokhu kusho ukuphelelw­a wukuzigqaj­a nobuhlakan­i okwenza sibe izwe elingeke lisanikezw­a igunya lokusingat­ha imiqhudelw­ano ethathwa njengemikh­ulu okubalwa i-Afcon kanjalo nayo iFIFA World Cup.

Ubani osengabhek­a ukuthi iqembu lesizwe lizokwenza kahle emva kwale nzukazikey­i? Kungani sizenze inhlekisa emazweni angafuni ukusibona siphumelel­a ikakhuluka­zi ngemuva kokusingat­ha iNdebe yoMhlaba? Kujabulisa izitha zethu esikwenzay­o.

Ave sekudingek­a ukuthi kuphathe abantu abasha abanemiqon­do emisha kwiPSL? Kungani iNingizimu Afrika isilele ngemuva ekufakeni intsha ezintweni ezingumgog­odla wezwe? Nakwezombu­sazwe kusagcwele abadala. Uma kuzothiwa uKhoza wenzele izwe into yamehlo akekho oyothatha indawo yakhe, kusho ukuthi ngeke siye ndawo. Kumele kuliwe nesihlava sokudla ngoludala. Mxolisi Zuma PIETERMARI­TZBURG

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa