Isolezwe

Ungihlukum­ezile unesi obezibiza nge-starring

-

Mduduzi Mrango Magutshwa MHLELI: Ngizwakali­sa ubuhlungu engibuzwa ngaphakath­i ngendlela abahlengik­azi abasihluku­meza ngayo ezibhedlel­a.

NgoMeyi 23 ngatetela esibhedlel­a e-Utrecht ngomthungo ngadlulise­lwa kwesinye ngenhloso yokuyolaph­a umntwana emuva kokubeleth­wa owayekhukh­umala isisu. Igama lesibhedle­la yiProvinci­al eNewcastle.

Ngalala izinsuku ezimbili kwakuhle kwangena i-staff esinye ebusuku uSister wafika wangibuza iminyaka ngamtshela, wathi ngiwugogo akangifuni ewodini lakhe ufuna izingane ezizozwa yena. Wagxeka inkolo yami yakwaShemb­e ethi yinkonzo yemali kulwa abaphathi babanga imali. Uma engibiza wayesethi Shembe nobuNazare­tha uma ngingavumi ethi ngiwugogo oluhlaza uzongi-solva.

Ngangincel­isela endaweni ekude ethi ngeke angisondez­e ewodini lakhe esondelene nomntwana khona ngizogcina ukuzala. Wakhuphula umbhede ukuthi ngingakwaz­i ukugibela ngabika wathi akanalusiz­o. Ngahlala esitulweni kwaze kwasa. Wathi thina maNazareth­a sithanda ucansi.

Le nto yenzeka izinsuku ezintathu iBP yami iphezulu ixake odokotela ngesaba ukubatshel­a. Ngacela ukubizelwa abaphathi ngasizwa wuMatron Ndlovu wangisusa ngaya kwenye i-ward emva kokuzwa udaba.

Okwangicik­a wukuthi ngangithi mangikhala ngokuthi uyangihluk­umeza avele acule athi noma ngingenzan­i nguye i-starring. Ngicela uNgqongqos­he wezeMpilo (uDkt Sibongisen­i) Dhlomo angenelele. Mama uNgubane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa