Umnyango unenge abantu ngomyalezo
SEWUTHOLE ukugxekwa okukhulu uMnyango wezeMpilo, eLimpopo ngombhalo okhishwe yilo mnyango enkundleni yezokuxhumana ogxeka abashona ngenxa yegciwane lengculazi.
Lo mbhalo okhishwe yilo mnyango ngesonto eledlule enkundleni yezokuxhumana, uTwitter, ugxeke abantu abashona ngenxa yegciwane lengculazi, uthi bashona ngoba bethanda.
“Laba abashona ngenxa yegciwane lengculazi namuhla benza ngoba bethanda. Uhulumeni sewulethe izinhlelo ezahlukene zokuvikela nokuthithibalisa igciwane lengcualazi,” kusho umbhalo.
Lokhu akwehlanga kahle kubantu abalandela lo mnyango kule nkundla njengoba bethe umbhalo wabo ukhombisa ukungabacabangeli abantu abanaleli gciwane.
UNobhala Jikelele wenhlangano elwela amalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi, iTreatment Action Campaign (TAC) kuzwelonke, Mnuz Anele Yawa uzwakalise ukucasuka ngalo mbhalo enkundleni yezokuxhumana uFacebook.
“Lo mbhalo awuphoxi kuphela abantu abaphila negciwane lengculazi eLimpopo naseNingizimu Afrika kodwa uphinde uphoxe abantu (abavela emazweni ahlukene) emhlabeni wonke. Singaphinde sibathembe kanjani laba bantu?” kubuza uYawa.
Uthe lokhu okubhalwe ngumnyango kukhombisa ukuthi usola abantu ngokwanda kwezibalo zabantu abanegciwane lengculazi.
UYawa uthe balinganiselwa ku-8 million abantu abaphila negciwane lengculazi kuleli. Kulaba balinganiselwa ku-4 million abathatha imishanguzo yokuthithibalisa igciwane. Uhhafu walabo abanegciwane abayithathi imishanguzo. Uthe yingakho nabo begqugquzela ukuthi wonke umuntu ayithole imishanguzo.
Uthe kufanele lingenelele kulolu daba iPhini likaMengameli wakuleli, uMnuz David Mabuza ophinde abe ngusihlalo wesigungu esingamele izinhlelo zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi kuleli, iSouth African National Aids Council.
Namanye amalungu omphakathi azwakalise ukungenami ngokusatshalaliswa kwalo mbhalo njengoba bebhalile kuTwitter, bewugxeka. “Imishanguzo iyodwa ayenele. Badinga ukwesekwa, singakhohlwa ukudla okunempilo,” kusho uleesego@CMorosele7h.
Umnyango wezeMpilo eLimpopo uphinde wathumela omunye umbiko kuTwitter uxolisa ngalesi sitatimende.
Okhulumela lo mnyango, uMnuz Neil Shikwambana, uthe umnyango awuhambisani nalo mbhalo.
“Lo myalezo bekungafanele ukhishwe ngoba ubukhombisa ukungazwelani nabantu. Bekufanele umyalezo ucacise ukuthi kukhulunywa ngabantu abangafuni ukuhlolela igciwane lengculazi nabangafuni ukuthatha imishanguzo. Bekufanele ugqugquzele abantu ukuthi bahlole bese bethatha imishanguzo, ungagxeki,” kusho uShikwambana
UYawa uthe abasamukeli isixoliso somnyango. Wakhala ngokuthi kwenzekenjani kwabathatha isikhathi eside kangaka ukuthi babone ukuthi benze iphutha.