‘Sininga ngoXulu kwesokuhola’
KUBONAKALA iMaritzburg United izimisele ngokumnikeza ngokugcwele ibhande lobukaputeni uSiyanda “Magazi” Xulu oshaye into ecokeme ngesizini edlule.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi iTeam of Choice idalula ukuthi ngesizini ezayo izobe iswenkiswe abakwa-Lotto Sport yethula ijezi layo elisha.
Isithombe sejezi lasekhaya esifakwe ekhasini layo leTwitter belibhalwe ukuthi “Xulu” ngemuva nononmbolo 25.
Akuvamisile ukuthi uma amaqembu eveza amajezi awo abe namagama abadlali, ngaphandle kwalabo abasuke bewagqokile.
Usihlalo we-United, uFarook Kadodia, ebuzwa ukuthi ngabe sebesithathile isinqumo sokuthi lesi sitobha kube yisona esizohola iqembu ngesizini ezoqala ye-Absa Premiership, uthe: “Siyaninga ngendaba yokuthi ahole iqembu abe ngukaputeni uXulu kodwa asikakasithathi isinqumo. Uma sesinqumile sizomemezela.”
UXulu ubeyiphini likaBevan Fransman oselishiyile iqembu wajoyina iHighlands Park esanda kukhuphukela kwiPremiership.
UXulu waKwaMashu uqokwe njengeDefender of the Season kwiPremier Soccer League ngesizini edlule.
Ufike eMphithi ekuqaleni kwesizini edlule wafika wazinza kwabuya umdlali owayenconywa ngethalente analo ngesikhathi esaqala ukuvela edlala kwiMamelodi Sundowns kumasizini edlule.
KwiKaizer Chiefs uhlale amasizini amabili nohhafu ekhuhla ibhentshi ngaphansi kukaSteve Komphela.
I-United ithula ijezi nje imatasa nasekusayiniseni abadlali.
Isijoyinwe uKeagan Buchanan, Denwin Farmer, Sizwe Muthwa noTholang Masegela.